Ezokungcebeleka

UZandie Khumalo uthembisa ulozolo kwi-EP entsha

Morgan Ngwazi

Isihlabani emculweni uZandie Khumalo oseke wadayisa i-platinum kabili uzodedela i-EP elindelwe ngabomvu esihloko “Ebantwini” ngoLwesihlanu.

Le EP inezingoma eziyisithupha kanti ikhombisa ukukhula kukaZandie hhayi nje kuphela njengomculi kodwa futhi njengomdidiyeli, njengoba ezibambele mathupha okuningi.

“Ebantwini” iwubufakazi benkululeko bokucikoza kaZandie nokuveza ukuthi ngeke umvalele ekopini lomculo lohlobo oluthile.

Kulo msebenzi uhlanganise i-Afro-Soul, i-Gospel, nezingoma zomjuxuzo nezikhombisa isitayela sikaZandie ebucikweni.

“Ngiyiciko futhi awukwazi ukungibophela ohlotsheni oluthile. Njengomculi, ngilandela lapho inhliziyo yami ingiyisa khona ngaleso sikhathi,” kusho uZandie, ejabule ngokusobala ngomsebenzi wakhe omusha.

Mayelana nokushayela phansi athathe ikhefu ekukhipheni umculo uZandie uthi: “Abalandeli bami bangiqonda kangcono. Umculo wami awuphelelwa yisikhathi futhi angilona uhlobo lomculi okumele ukhishwe ngaso leso sikhathi ngoba umculo wami unamandla okuhlala isikhathi eside ezinhliziyweni zabantu”

“Uma ungangizwa ngomculo wami, kungcono ungezwa nhlobo ngami. Angilona uhlobo lomculi osaziwayo omatasatasa ejaha izimemo noma ukubaluleka kwazo ezinkundleni zokuxhumana,” usho kanje.

Le EP ithembisa ukuvula ikhasi elisha emsebenzini kaZandie.

I-“Ebantwini” izotholakala kuzo zonke izinkundla zokudayiswa komculo ngoLwesihlanu, mhlaka-14 November.

Phakathi kwamanoi aseke wawadedela phambili kubalwa esihloko sithi Nami Ngiyalifuna, Ubedlula Bonke, Makube Nguwe nezinye eziningi.

Related Articles

Back to top button