Ezemidlalo

URiveiro uvume induku betalajwa yiSundowns

EZIKAMAGEBHULA zihluleke zancama ukuqhudelana neMamelodi Sundowns nomqeqeshi wayo ukwamukele ngomoya wesonto lokho.

UJose Riveiro uthe iqembu lakhe belilibi kakhulu kulo mdlalo obuseLoftus Versveld, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

IPirates ingenelwe amagoli amabili asheshayo futhi yona ayizange ikwazi ukuhlupha iSundowns.

Amagoli kaLucas Ribeiro, oshaye amabili noTaboho Mokoena noGrant Kekana enzele iqembu lasekhaya umsebenzi.

Igoli lokubika ekhaya lePirates lishaywe nguDeon Hotto ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili okwenze iPirates ibe nethemba lokubuya.

“Ngiphoxekile ngomphumela, lokho kusobala,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.

“Bekunzima ukungena emdlalweni wethu namuhla. Besingenakho ukuzethemba uma sihlasela noma sivala emuva.

“Ngibatshelile abadlali ngesikhathi sekhefu ukuthi kube amaphutha amabili enze umdlalo waba nzima kithina njengoba bese silandela emuva ngo 2-0.

“Ngithe ake sisebenzise isiwombe sesibili ukusondela, kanti ekuqaleni kwesiwombe sesibili besingcono kuneSundowns.

“Sekungu 2-1, bekubukeka kuseduze ukubuya, kodwa bakwazile ukushaya inethi futhi lokho kwenze umdlalo waba nzima kakhulu kithi.”

URiveiro uthe ngemuva kwegoli lesithathu, bazibeke engcupheni futhi benza izinguquko ukuze baphushele phambili.

Uthi lokhu ukwenze azi ukuthi bazibeka engcupheni yokuthi behlulwe ngamagoli amaningi kakhulu.
Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button