Izindaba

Uphenyo ngobefuna ‘indoda yakhe’ koweSilo

LIYAPHENYISISWA elowesifazane oneminyaka ephakathi kwa-30 otshele amaphoyisa ukuthi ufuna ukukhuluma ‘nendoda yakhe’ lapho bekuhleli khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini noMongameli uCyril Ramaphosa.

Lo wesifazane ukwenze lokhu emcimbini wokumbulwa komfunziselo (isithombe) senkosi yamaZulu eseyakhothama uShaka kaSenzangakhona, eThekwini ngoLwesine.

Kudaleke isixakaxaka phakathi kwabaqaphi abagade iSilo kanye noMengameli, ngesikhathi lo wesifazane elwa efuna ukungena ngodli endaweni yezicukuthane.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi onogada bemvimba ukuthi angene.

Omunye wamaphoyisa asondelene nenkosi ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba ethi kusazophenywa kabanzi ngembangela yale mpicabadala.

“Udlame lwakhe, konogada luyasolisa, likhomba ubungozi. Uphenyo luzoveza kabanzi ukuthi imbangela iyiphi ngesenzo sakhe,” kusho iphoyisa.

Khonamanjalo uRamaphosa uchaze wathi ukumbulwa kwesithombe seNkosi yamaZulu inkosi uShaka kaSenzangakhona njengomlando.

“Kuwumlando wesizwe sonke. Kukhle kakhulu ukuthi kubenesikhumbuzo sakhe” kusho uRamaphosa.

“Ukumbulwa kwesithombe namuhla, kuwubufakazi esiziqhenya ngabo, womlando wethu kanye nobukhulu benkosi.

“Lesi sithombe ngeke sichaze izivakashi zakuleli kuphela, kodwa sizoheha izivakashi ukuthi zizibonele ubukhulu benkosi uShaka. Okunye esiziqhenya ngakho.

Inkosi uShaka yaziwa njengenkosi enesibindi, umbumbi wezizwe, umholi omkhulu, owayefuna ubumbano kanye noshintsho kuma Africa.

Isithombe sakhe esikhulukazi sizoma ngokuziqhenya esikhumulweni sezindiza esiqambwe ngaye iKing Shaka International airport.

“Lesi sithombe siwubufakazi bobumbano. Kusukela ngonyaka ka1800 inkosi uShaka izama ukuhlanganisa abantu bayo,”

Related Articles

Back to top button