Izindaba

Umyalezo oshaqisayo othunyelwe uNathi Mthethwa kunkosikazi

Sihle Mkhize 

UNkosikazi wenxusa lakuleli eFrance uPhilisiwe Buthelezi uthi uthole umyalezo kumyeni wakhe uNathi Mthethwa exolisa ethi ufuna ukuzibulala.

Lo mbiko uvele kubaphenyi baseFrance, eParis lapho kuthiwa uMthethwa (58) uzibulele khona esuka phezulu wayozithanqaza phansi esehhotela iHyatt.

Okuthuse kakhulu emuva kwalapho ukuthi ube eseduka wangaziwa wumuntu futhi wangatholakala.

Uze watholakala ngoba esefile, kuthiwa nehhotela ashonele kulo alikho nakude nala abehlala khona lisendleleni nje.

Ngokwehhotela kuthiwa ubebhukhe ku-22nd Floor, nokuyilapho kuthiwa usuke khona ebheke phansi.

Kuthiwa iwindi libukeka liphoqwe ngenkani ukuze livuleke.

UMnyango wezokuXhumana kwamazwe eNingizimu Africa usuzwakalise amazwi enduduzo nokushaqeka ngokudlula emhlabeni kwaMnuz Nkosinathi Emmanuel Mthethwa.

UChazwe njengesishabasheki ebesisebenzela uhulumeni eqokwa ezinkhundleni ezibucayi okubalwa ukuba uNgqongoshe wamaPhoyisa, ezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.

Uphinde waba kwibhodi kwiKomiti elalihlela indebe yomhlaba ngo-2010.

“Nginesiqiniseko sokuthi ukudlula kwakhe akulahlekelwe kuphela isizwe kodwa umphakathi wasemhlabeni jikelele,” kusho isitatimende.

UMthethwa oqokwe njengenxusa ngonyaka odlule, kuthiwa uduke ngoMsombuluko watholakala eseshonile ngoLwesibili.

Ngokombiko weziko lezindaba iLe Parisien, isidumbu sakhe sitholakale ehhotela iHyatt.

Kuthiwa kubike umkakhe uPhilisiwe Buthelezi ukuthi unyamalele futhi umthumelele umyalezo okhathazayo.

Ucingo lwakhe beluvuliwe ngabo-3 ntambama ngoMsombuluko ngaseBois de Boulogne, eParis. Amaphoyisa abe esemthungatha esaba ukuthi uzibulele.

Ushona nje uMthethwa uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi usanda kutshela iMadlanga Commision ukuthi ngo-2011 uMthethwa wagxambukela.

Waphoqa umholi woPhiko lwezobuNhloli kuleli uFaith Hadebe ukuba ahoxise ukuphenya icala lenkohlakalo lika Richard Mdluli owayeyinhloko yoPhiko lwezobuNhloli.

UMdluli wayesolwa ngokuzisavunela imali ngokungemthetho imali elinganiselwa ku ku-R200 Million esikhwameni salolu phiko esiyimfihlo.

Related Articles

Back to top button