Izindaba

UMcDonald’s emkhankasweni wokuqwashisa ngokudla okunempilo

U-McDonald’s wakuleli uyaqhubeka nomkhankaso wawo, i“Know Our Food” wokufundisa abathengi ngokudla abakuthengisayo.

U-McDonald’s nezinkampani asebenzisana nazo bazimisele ukuveza indlela okwenziwa ngayo ukudla abakuthengisayo.

Bathembise ukuhamba lolu hambo kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi ukudla abakudayisayo, akuphazamisani nemvelo uma kukhiqizwa.

Abathengi banamuhla bayathanda ukwazi ukuthi ukudla abakudlayo noma abakuthengayo kuqhamukaphi, kunani futhi kwenziwa kanjani.

Le mibuzo ilula uma ukudla bezenzela khona ngokwabo emakhaya kodwa lokhu akulula ukwenzeka.

Ukuqaphela kwabathengi kunyuse izinga emakethe ngoba befuna ukudla okubukekayo nokunambithekayo.

Selinyuke kakhulu izinga labantu abafuna ukwazi ukuthi yini efakwa ekudleni kwabo.

“Siyazazi izidingo zabathengi bethu futhi siyazihlonipha,” kusho uDaniel Padiachy oyi-Chiefs Marketing Officer.

“Abathengi bethu bafuna ukuqinisekisa ukuthi abakudlayo kufakweni ukuze benze izinqumo eziphusile.”

Bathembise ukuqinisekisa baphinde bavikele indlela okwenziwa ngayo ukudla, nezitshalo abazithengayo ukuthi zinezakha mzimba akukho makhemikhali afakiwe, zitshalwe ngokwemvelo.

“Nge-“Know Our Food” campaign, sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyazifeza izidingo zabathengi futhi siyazihlopha izifiso zabo,” kuqhuba uDaniel Padiachy.

Bonke abasebenzisana noMcDonald’s bazimisele ngokusebenzisana kahle ukuze baqinisekise izinga eliphezulu lokudla abadayisela abathengi.

Abanye nezinkampani esisebenzisana nazo: – inyama yethu yenkomo iqhamuka kwamanye amapulazi ezinkomo akuleli, njengeFouries, abaziqhenyayo futhi bayazigqajayo ngemfuyo yabo.

  • Abakwa Rametses abanye esisebenzisana nabo abanepulazi lezinkuku ezinempilo futhi ezikhuliswe ngemvelo, ukuze senze ukudla kwethu okudumile nokuthandwayo kwenkukhu.
  • Ikhofi lethu silenza ngokucophelela kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni futhi siqinisekisa ukunambitheka ngoba ama-McCafe ethu aqhamuka e-Arabica emapulazini agunyazwe yiRainforest Alliance.

“Umkhankaso iKnow Our Food, uzoqinisekisa ukuthi izidingo nezikhalo zabathengi ziyahlonishwa.

“Bazi ukuthi ukudla kwabo kuqhamukaphi, kufakwani futhi kwenziwa kanjani,” kusho uPadiachy.

Related Articles

Back to top button