Ezemidlalo

UManqoba unyefise injabulo yeChiefs inqoba

UManqoba Mngqithi usale ebhodla umlilo kwashoda kancane ukuthi athi iKaizer Chiefs ibanjelwe ngesikhathi ishaya iGolden Arrows.

IKaizer Chiefs ishaye i-Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Kodwa uMngqithi usale emuncu, hhayi ngenxa yokuhlulwa, kodwa ngenxa yendlela okwenzeke ngayo.

IGOLI LOMGUNYATHI

Ubone ukuthi igoli elishaywe ngu-Aden McCarthy bekumele onompempe balichithe ngokuthti ulishaye esesendaweni engamfanele (offside).

“Into yokuqala engingayisho ukuthi iPSL izoba nezinkinga kuze kube phakade inqobo nje uma udaba lweVAR lungalungiswa,” kusho uMngqithi.

“Sisebenza kanzima ukwakha amaqembu ethu. Uma ufuna ukubona ukuthi leli goli belingafanele, bheka la Silva ethinta khona ibhola, uMcCarthy ubesevele esendaweni engamfanele”

“Thina ke sihluliwe kanjalo, kodwa akekho onendaba nalokho. Ungenelwa yigoli, abantu bathi ‘cha, lingene ngoba awuvalanga kahle emuva’.

“Kodwa iqiniso wukuthi iPSL kufanele iqinise odabeni lwe-VAR, ibhola selishintshe kakhulu manje.”

ANGIBASOLI ONOMPEMPE

UMngqithi uthe ngeke abasole onompempe ngoba bangabantu futhi bayahluleka ukuhambisana nokwenzeka enkundleni njengoba ibhola selishesha.

“Akuthina, wumdlalo okufanele usitshele ukuthi kunzima kakhulu ngisho ukuthi onompempe bakwazi ukulandela abadlali nebhola…

“Ngeke ngihlale ngisola onompempe – ibhola ngokwalo seliyashesha kakhulu futhi lidinga ukuthi sihambisane nalokho.

“Asisadlaleli u-R500 000 manje lapha, sesidlalela u-R20 million,” kwengeza lo mqeqeshi oke wacija iMamelodi Sundowns.

“Ngakho-ke kufanele sicabange ngokubheka le nto ye-VAR ngoba ngaphandle kwalokho sizoqhubeka sihlulwa ngendlela efanayo futhi abantu ngeke babe nankinga.”

BAJABULELE UBALA

Ube esekhomba abalandeli beKaizer Chiefs abebecula bejabule, wathi iqembu labo lihlomule ngesinqumo esingafanele.

“Sihluliwe komunye umdlalo ngenxa yegoli elingafanele,” kusho lo mqeqeshi we-Arrows.

“Thina sihluliwe kulo mdlalo, abantu bacula kanje ngoba banqobe umdlalo, kodwa iqiniso wukuthi banqobe ngendlela ephikisana nemithetho yebhola.”

Indaba yeVAR sekunesikhathi eside ikhulunywa futhi kuthenjiswa ukuthi izoqalwa ebholeni lakuleli.

Ingase iqale ngesizini ezayo ngokokuthemisa koMnyango weZemidlalo.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button