Izindaba

Ukhalela ukuthola ithambo umndeni odukelwe ingane (6)

Sane Mseleku

AWUKUTHOLI namanje ukuphumula umndeni wakwa Luphalule eMalukazi, eNingizimu neThekwini, owadukelwa uZekhethelo (6).

UZekhethelo waduka mhla ka-20 Juni kulo nyaka kuze kube yimanje akwaziwa nomkhondo.

Ngokuthola kwePurpose lo mntwana waduka eshiywe noninalume wakhe ngesikhathi unina omzalayo uNozipho eya emsebenzini.

Uninanule kaZekhethelo ezihlangula uthe umntwana wagcina ukubonakala edlala esihlahleni esiphakathi kwemizi ojwayele ukudlala kuzo nezinye izingane emphakathini.

UZekhethelo ubefunda ugrade 1, eWindy Heights Primary, kuyo lendawo kanti ungumagcino kwabo ezinganeni ezimbili.

Nomakhelwane bayafakaza ukuthi wagcina ukubonwa phandle edlala.

UNozipho wabuya emsebenzini ntambama wabona ukuthi ingane yakhe ayikho wabe esehlaba umkhosi komakhelwane ebuza nokho wabuya elambatha.

Ngosuku okuthiwa waduka ngalo uZekhethelo kwakubanda ngendlela eyisimanga njengoba kusebusika nje.

Kuthiwa wayegqoke amaleggings aluhlaza sasibhakabhaka kanye nesikibha esimhlophe.

NgoLwesine uNozipho ubizwe esiteshini samaphoyisa emuva kokutholakala kwengane yentombazane eshonile endaweni yase Lotus Park, eSiphingo.

Nokho bekungenye ingane. UNozipho unxenxa abantu ukuthi basize ekumtholiseleni ingane yakhe noma ngabe ithambo nje alingcwabe.

 

Related Articles

Back to top button