Amaphoyisa athele othulini ngenhlamvu umsolwa eNanda
Aphe Gcwabe
AMAPHOYISA akwaZulu-Natal, eNanda, athele othulini umsolwa (26) obecashe eLusaka kule ndawo.
Lesi sigameko senzeke ezintatha kuzosa kube yiSonto.
Ngokusho kwamaphoyisa usolwa ubevele efunelwa amacala abucayi abakwasidlodlo.
“Amaphoyisa ethimba le-Inanda Task Team aphikelele kuyo lendayo esigcemeni sase Lusaka lapho umsolwa abebhace khona. Umsolwa ubefunelwa amacala amathathu okubulala nelilodwa loluzama ukubulala. Ngesikhathi amaphoyisa efika la bekucashe khona umsolwa umane udedele umlilo ubheke emaphoyiseni. Ngenhlanhla alikho iphoyisa elidubulekile,” kusho amaphoyisa kwisitatimende.
Kutholakale isibhamu kusmolwa esingekho emthethweni sohlobo lwe 9mm. Kube sekubizwa i-IPID aphuthume endaweni yesigameko.
Akusona isigameko sokuqala lesi ukuthi amaphoyisa athele othulini isibalo sabasolwa abaningi ngesikhathi esisodwa.
Ngo-Ephreli amaphoyisa adubula abulala abasolwa abane. Kwabikwa ukuthi ayegagazisana namaphoyisa ngezibhamu kwaDesai, ePinetown. Kwaphunyuka abasolwa ababili babaleka, bonke labasolwa kwabikwa ukuthi babehlalise lubhojozi umphakathi.
NgoMashi kwaba yisimo esifanayo amaphoyisa edubula abasolwa abane eCato Crest, eThekwini. Bona babefunelwa amacala okubalwa, ukuphanga kuhlonyiwe, ukubulala namanye.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJanuwari amaphoyisa elahla phansi ngenhlamvu abasolwa abayisishagalolunye eNanda. Nakhona kwabikwa ukuthi bazwana amandla namaphoyisa kanti kuzoshoda izinhlamvu nobuchule zakhala.
UNqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ngaleso sikhathi wakhipha izibalo zobugebengu nalapho kwavela khona ukuthi eKZN iNanda, Mlaza noMashu bahamba phambili ngamacala obugebengu.