Ezokungcebeleka

UDJ Euphonik uthembisa ukuqeda ngempilo kaNsiki Mazwai 

Isabambene ngezihluthu phakathi kosaziwayo ababili bakuleli, uThemba “DJ Euphonik” Nkosi nembongi uNtsiki Mazwai njengoba manje u-DJ Euphonik esefuna uMazwai axolise ngokumbiza ngomdlwenguli.

Eminyakeni emibili edlule uMazwai ubhale emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana lapho abesola khona u-DJ Euphonik ngokumdlwengula nokuyinto ewuphazamise kakhulu umsebenzi walo DJ.

Ngo-2022 inkantolo, i-Johannesburg High Court iyalele uMazwai ukuthi ayeke ukubhala ngo-DJ Euphonik emakhasini akhe. Inkantolo iphinde yamyalela ukuthi akhokhele izindleko zenkantolo.

Ekhuluma emsakazweni iGagasi FM, u-DJ Euphonik uthe ulinde uMazwai ukuthi axolise. Ugcizelele ukuthi incane into ayicelayo.

“Wenza izinsolo ezibucayi ngami ezinkundleni zokuxhumana kodwa namanje usahluleka ukuyimela lento ayisho”, kusho u-DJ Euphonik.

“Sesimcele izikhathi eziningi. Usehlulwe emacaleni amane (4) asifakela wona enkantolo. Engikushoyo mina ukuthi akaxolise lapho ayesho khona lezinto bese ewugcina izinsuku ezingamashumi amathathu umbhalo. Sizobe sesiqhubeka nempilo”, kusho yena.

Uthe ngeke kuphethe kahle kuMazwai uma engaxolisi. “Uma engaxolisi ngizoqhubekela phambili. Lokho kusho ukuthi ngeke esakwazi ukuvula ibhizinisi noma i-account yasebhange eNingizimu Afrika”, kusho yena.

UMazwai naye akazibekanga phansi njengoba eqhubekile nokubhala ngobekushiwo u-DJ Euphonik emsakazweni.

Uthe yena uyawulandela umyalelo wenkantolo futhi uyakhokha njengokusho kwenkantolo.

Usole u-DJ Euphonik ngokuqamba amanga ngodaba lokuxolisa.

“Ungaqambi amanga. Yeka ukwakha izindaba ezingekho ukuze zivumelane nawe. Angisiyo into yokudlala wena mina” kubhala uMazwai.

Uthi iJaji alikaze lithi kaxolise futhi ngeke azenze izimfuno ezingasiyo ingxenye yesinqumo senkantolo.

Umkhaya

Related Articles

Back to top button