Izindaba

Indida inxusa lakuleli lifela emazweni

Liyah Mseleku

UMnyango wezokuXhumana kwamazwe eNingizimu Africa usuzwakalise amazwi enduduzo nokushaqeka ngokudlula emhlabeni kwaMnuz Nkosinathi Emmanuel Mthethwa.

UMthethwa (58) ubeyinxusa lakuleli eFrance.

UChazwe njengesishabasheki ebesisebenzela uhulumeni eqokwa ezinkhundleni ezibucayi okubalwa ukuba uNgqongoshe wamaPhoyisa, ezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.

Uphinde waba kwibhodi kwiKomiti elalihlela indebe yomhlaba ngo-2010.

“Nginesiqiniseko sokuthi ukudlula kwakhe akulahlekelwe kuphela isizwe kodwa umphakathi wasemhlabeni jikelele,” kusho isitatimende.

UMnuz Nathi Mthethwa, kuthiwa uwe esitezi ehhotela eParis, ngokwemibiko yakuleliya zwe.

UMthethwa oqokwe njengenxusa ngonyaka odlule, kuthiwa uduke ngoMsombuluko watholakala eseshonile ngoLwesibili.

Ngokombiko weziko lezindaba iLe Parisien, isidumbu sakhe sitholakale ehhotela iHyatt futhi kusolakala ukuthi uwe esuka esitezi sika-22.

Kuthiwa kubike umkakhe uPhilisiwe Buthelezi ukuthi unyamalele futhi umthumelele umyalezo okhathazayo.

Ucingo lwakhe beluvuliwe ngabo-3 ntambama ngoMsombuluko ngaseBois de Boulogne, eParis. Amaphoyisa abe esemthungatha esaba ukuthi uzibulele.

Ushona nje uMthethwa uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi usanda kutshela iMadlanga Commision ukuthi ngo-2011 uMthethwa wagxambukela.

Waphoqa umholi woPhiko lwezobuNhloli kuleli uFaith Hadebe ukuba ahoxise ukuphenya icala lenkohlakalo lika Richard Mdluli owayeyinhloko yoPhiko lwezobuNhloli.

UMdluli wayesolwa ngokuzisavunela imali ngokungemthetho imali elinganiselwa ku ku-R200 Million esikhwameni salolu phiko esiyimfihlo.

Related Articles

Back to top button