Ezemidlalo

IChiefs ibuyise ithemba kweyeCaf  inqoba

Ibuyisele umkhankaso weCaf Confederation Cup emgqeni iKaizer Chiefs ngesikhathi iphendula izinkunzi zaseZambia, iZesco United iminqolo.

Amakhosi anqobe ngo 1-0 emdlalweni wawo wesithathu esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano wezwekazi.

Igoli enqobe ngalo lingene ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile, linamathiselwa enethini nguPule Mmodi.

Ngalokhu kunqoba iKaizer Chiefs isahlezi endaweni yesithathu, kodwa seyinamaphuzu amane okwenza isondele ngaseqhulwini.

Ngale kokunqoba, iKaizer Chiefs ikhombise ukuqina okuhle kulo mdlalo obuseLevy Mwanawasa Stadium eNdola ngeSonto ntambama.

IZesco beyidle ngokuqinisa unyawo futhi iyicindezele kakhulu iChiefs esiwombeni sesibili kodwa leli qembu lakuleli lakwazi ukuvala kahle emuva.

Ukudlala kwayo kukhombisile ukuthi ayikakazimiseli ukuphosa ithawula kuleli qoqo obekubukeka kuzozidlulela kalula amaqembu ase-Egypt kulo.

La maqembu ase-Egypt – i-Al Masry neZamalek – azihola phambili kuGroup D walo mqhudelwano.

Lezi zinkunzi zase-Egypt zizogadulisana emdlalweni wazo ozocacisa elizozihola phambili ngalo iSonto ebusuku.

Uma iZamalek ihlulwa kulo mdlalo, iChiefs izobe seyinyukela endaweni yesibili ngenxa yomehluko wamagoli.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button