Ezemidlalo

Bezibondiwe kwiDundee July uMpendulo edla umhlanganiso

Sihle Mkhize

Amakhaza abeshubisa umkantsha nezulu ebelikhiza alibathenanga amandla abantu abebephume ngobuningi babo ukuzothamela umtelebhelo wamahhashi kwiDundee July 2025.

Kuqalwe ngomhla ka-18 lapho bekunemiviliyelo kwaphinde kwanombukiso wengqephu ezetaladini zaseNdumeni.

Ingqikithi isefana ithi i-African Jewel esazoqhubeka eminye iminyaka.

Kulokhu umhlanganiso udliwe ihhashi uMpendulo obegitshelwe uZakhele Mkhabela waseMajuba ohlomule ngo-R400 000.

Ihhashi, uMoses waseMpumalanga ulale isibili wathola umklomelo ka-R100 000, Ihhashi, Amazondo wesifunda Amajuba ophume endaweni yesithathu uthole umklomelo ka-R70 000.

Ekhuluma uNdunankulu wakwaZulu-Natal uThami Ntuli uthe ubonga bonke abantu ababambe iqhaza ukuze lo mcimbi ugcine uyimpumelelo.

“Naze nabahle bantu bakwaZulu-Natal. Kuyintokozo ukuthi kwaba khona onombono omuhle kanje”

“Nakuba kukuhle kodwa ayingitshela amaphoyisa ukuthi bakhona abantu asebedayisa izidakamizwa kule ndawo. Kodwa sizolwa kuze kube sekugcineni”

Kulo mcimbi umphakathi awugcinanga ngokuthokozela umtelebhelo wamahhashi kuphela, uthole nethuba lokubuka ingqephu namaciko abenandisa.

Related Articles

Back to top button