Ezemidlalo

Amakhosi ajabulile ezidlela amahlanga kwiPolokwane

Ube yisipho esihle ngempela kwiKaizer Chiefs umdlali wayo omusha uSiphesihle Ndlovu.

Lo mdlali ungene enkundleni wanqobela Amakhosi amaphuzu amathathu emdlalweni wayo wesibili kwiBetway Premiership.

UNdlovu osayine esuka kwiSuperSport United uphenduke iqhawe laseNaturena benqoba iPolokwane City ngo 1-0 ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali odabuka eMgungundlovu ungene ngesiwombe sesibili ngesikhathi umdlalo ubukeka usinda kuMakhosi, wafike wenza umehluko omkhulu.

Nokho iqhawe langempela laMakhosi kulo mdlalo kube ngu-Aden McCarthy oqokwe waba ngumdlali ovelele umdlalo wesibili kulandelana.

Lesi sitobha esisesincane nesizalwa yinkakha yeChiefs uFabian McCarthy sithe siyakujabulela ukusiza iqembu linqobe imidlalo ngokuvala thaqa emuva.

“Bekuwumdlalo wethu wokuqala ekhaya futhi bekuwumsebenzi wethu ukuthi siqoqe amaphuzu amathathu,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.

“Lokho bekumele sikwenzele abalandeli bethu. Besazi kuzoba wumdlalo onzima ngoba badlala amabhola amade. Kodwa sikwazile ukumelana nalokho.

Uthe ukhiye wokuthi bayivimbe iPolokwane bekuwukuthi bengayiyeki ifike kuqala ebholeni ngokuthi indoda nendoda izigadele umgadli wayo.

“Bebesihlasela begijima bebaningi futhi bathumele amabhola amade. Sizamile ukuthi siwine uma ubhekene nomuntu ngqo.”

Ebuzwa ngobudlelwano bokusebenzisana noMiguel Inacio emuva, uMcCarthy uthe bayakuqonda okumele bakwenze.

“Sobabili siyayazi imisebenzi yethu ngokwehlukana. Uma siyenza kahle, lokho kusiza ukuvala thaqa emuva.

“Kulula futhi kuhle ukusebenzisana kanjalo, noBizza (uBrandon Petersen) ezintini,” kusho uMcCarthy.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button