Izindaba

IMelika igqobha uMzansi ngosizo kwabane HIV

Isekude ukuphela eye-United States of America neSouth Africa njengoba ukungaboni ngaso linye phakathi kwalamazwe sekufike kwelinye izinga.

Sikhuluma nje i-United States isimemezele ukuthi izoqala ukumisa kancane uxhaso lwe-HIV/AIDS ebilunikeza iNingizimu Afrika ngaphansi kohlelo lwe-PEPFAR.

Ngokwemibiko, lesi sinqumo sixhumene nokungaboni ngaso linye phakathi kwamazwe womabili mayelana nezinsolo zokuphathwa kwamalungelo abantu abangama-Afrikaner eNingizimu Afrika.

Uhulumeni waseMelika uveze ukukhathazeka ngezindaba zokuhlaselwa kwamapulazi, amalungelo omhlaba kanye nezinye izinkulumo ezithinta ama-Afrikaner.

Nokho, uhulumeni waseNingizimu Afrika uziphikile lezi zinsolo, wagcizelela ukuthi ubugebengu buthinta abantu bazo zonke izinhlanga futhi abukho ubufakazi bokuhlaselwa okuqondiswe esizweni esithile.

INingizimu Afrika inabantu abacishe babe yizigidi eziyisishiyagalombili abaphila ne-HIV, kanti uxhaso lwe-PEPFAR beluyingxenye ebalulekile yemizamo yokulwa nalesi sifo.

Izinhlangano zezempilo zixwayise ngokuthi ukuncipha koxhaso kungaphazamisa izinhlelo zokwelashwa nokuvikela ukusabalala kwe-HIV/AIDS.

UThukela News Times Plus

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button