
Ingwijikhwebu koluka Mbali Shinga weNFP
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ivimbele iNational Freedom Party (NFP) ekukhipheni uMbali Shinga.
INFP ibimfuna ephumile esikhundleni njengelunga lePhalamende lesifundazwe saKwaZulu-Natal, okusho ukuthi uzobuyela emsebenzini kusasa.
IJaji uThina Siwendu linike uShinga isinqumo esiphuthumayo esivimbela ukuqhubeka nenqubo yokumkhipha esikhundleni ngesikhathi kusalindwe ukuqedwa kwezinqubo zomthetho.
Ngokomyalelo wenkantolo, uSomlomo wePhalamende lesifundazwe akavunyelwe ukufungisa umongameli weNFP, u-Ivan Barnes, ukuthi athathe isikhundla sikaShinga.
Lo myalelo uzohlala usebenza kuze kube uShinga eseqede zonke izindlela zokudlulisa amacala noma esefake isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo zingakapheli izinsuku eziyi-15.
Ephawula ngalesi sinqumo, umongameli weNFP u-Ivan Barnes uthe iqembu liyawuhlonipha umyalelo wenkantolo, kodwa wagcizelela ukuthi uMbali Shinga kufanele ashiye isikhundla sokuba nguNgqongqoshe woMnyango Wezenhlalakahle.
UBarnes uthe lokhu kungenxa yokuthi iNFP ingase iphume kuHulumeni Wobumbano wesifundazwe (GNU) okungase kushintshe indlela iqembu elibamba ngayo iqhaza kuhulumeni.
Lolu daba luyingxenye yengxabano eqhubekayo ngaphakathi kweNFP, eyaqala ngemuva kokuthi uShinga engazange alandele umyalelo weqembu.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi kuvotelwa isiphakamiso sokungabi nathemba kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ngoDisemba ka-2025.
Kulindeleke ukuthi lolu daba luqhubeke ezinkantolo njengoba izinhlangothi zombili zifuna ukulwela amalungelo azo ngaphansi komthetho.
UThukela News Times Plus
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



