Izindaba

Ibambene ngezihluthu kwikhulu zamaphoyisa

Bahle Mkhize

UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthi kucacile ukuthi kunempi eqhubekayo.

Ukusho lokhu izolo ngemuva kokuthi yena nenhloko yophiko lezobunhloli uLieutenant General Dumisani Khumalo beyalelwe ukuthi bazinikele emaphoyiseni eBrooklyn ePitoli.

UMkhwanazi uthi uma befika uphiko lwe-IDAC lakuphikile ukuthi lifuna ukubabopha.

Wengeze ngokuthi uma kungekho okwenziwayo kuzochitheka igazi.

Uthi ngeke balale namhlanje (ngoLwesine) kuthe uma ebuzwa ukuthi bahlelani, wathi ngeke basho amaqhinga abo kuthelevishini.

Wengeze ngokuthi abantu ekumele ngabe baqinisekise ukuphepha kwabantu badlala imidlalo ngezimpilo zabantu.

Uthi kucacile ukuthi abazwani.

Ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uKhumalo kuthiwe akazinikele emaphoyiseni uMkhwanazi naye utshele abezindaba ukuthi uthi uyakhona uyohlangana nayo le-IDAC ebize uKhumalo khona ePitoli kukhona afuna ukuyokuzwa kahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhumalo wabuyiselwa emsebenzini ngoNovember ngonyaka odlule nakuba wayesabhekene namacala enkohlakalo.

Kwaba nophenyo lwangaphakthi elamkhiphe phambili emacaleni ayebhekene nawo okukhwabanisa.

UKhumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa baboshwa ngoJune 2025 yi-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC).

Ukuqokwa kwaDineo Mokwele (30) engenaso isipiliyoni edluliswa izigaba ezithile waze wayofika esikhundleni esiphezulu kwiCrime Intelligence kwambangela utwayi.

Phakathi kwemibandela ayinikwa inkantolo kubalwa nokuthi angalibhadi emsebenzini futhi angakhulumi nofakazi kuleli cala.

Nomakunjalo, uphenyo lwangaphakathi lwathola bungekho ubufakazi bokuphambana nomthetho ngaleyo ndlela wabuyiselwa etohweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhomishana kazwelonke uFannie Masemola osamksiwe wakhombisa ukumeseka esidlangalaleni uzakwabo.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button