Ezemidlalo

Kwasiza imvubu kuMbokazi engezwa mshini

Liyakhiza Mseleku

Isethenjwa somdlali wakuleli uMbekezeli Mbokazi wanenebulwa umalume wakhe engafuni ukuyeka uludlalela iziteki zangakubo eHluhluwe.

Lokhu kuqinisekiswe uWonder Mnguni ongumqondisi aphinde abe ngumqeqeshi kwiLangalibalele Sport Academy kwivideo.

“Akubanga lula neze ngoba umfana ngaphambi kokuthi eze kithina wayedlala iziteki ngakubo. Isizini yayivaliwe ngoba yena ubedlala kwiVodacom. Abaqeqeshi babengafuni azodlala kwi-Engine Cup kwiLangalibalele babefuna ayosiza bona ezitekini,”

“Saze sasizwa umalume wakhe owaze wamshaya ngemvubu emtshela ukuthi akaye eThekwini kwiSport Academy ukuze kuvele ithalente lakhe,”

“Walethwa ngenkani uMbekezeli bengafuni abaqeqeshi, kukhona nje omunye umdlalo wesihle angawudlalanga bemthathile abaqeqeshi beziteki, ” kunaba uMnguni.

Lo mqeqeshi uthi uyezwa nje manje abanye abaqeqeshi bekhuluma okungesilo iqiniso.

Uthi wafika kuyena engenalutho kucaca ukuthi uvela ekhaya elihlwempu ngendlela eyisimanga.

“Ngasebenzisa imali yami ukuthi uMbekezeli aye eGoli ngoba ngisho ela kithina wayenakekekwa yithina. Saze samnikeza nefoni ukuze akwazi ukuxhumana nababezomlanda esikhumulweni sezindiza eya kwiPirates,” kuqhuba uMnguni.

Uthi kuningi nokunye angeke akudalule ezinkundleni zokuxhumana kodwa badlale indima enkulu ukuze uMbekezeli abe lapho ekhona.

“Ngikholwa wukuthi uma kuthiwa akezanga la kwiLangalibalele Sport Academy ngabe namanje usadlala kwiVodacom. Ngizwa kuthiwa wake wajima ngisho neRicharsdbay izinsuku ezinhlanu kodwa wangasayiniswa,” usho kanje kwikhasi laMandla Chris.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button