Izindaba

Kubashele abokufika abaqashe ezindlini zomxhaso

Sindiswa Nxumalo

Ubuchwepheshe bama-drone buveze obala izigilamkhuba nabantu bokufika abahlala ezindlini zomxhaso eMount Moriah.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuhlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uthi ukusetshenziswa kobuchwepheshe bama-drone ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso i-#NenzaniLaEzweni kuveze izindlu eziningi zomxhaso kahulumeni eMount Moriah okuhlala kuzo abantu bokufika abangekho ngokusemthethweni kuleli.

Ngokusho kukaDuma, abaphenyi abavela ophikweni olukhethekile loMnyango balandele ngomshini we-drone abantu baseMalawi nabaseZimbabwe abazame ukubaleka ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.

Kuthiwa laba bantu babehlezi kulezindlu zomxhaso abaziqashile benjalo nje abanazo izimvumo zokuba kuleli.

UDuma ukuqinisekisile ukuthi uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale izinhlangano ezigebengayo ezidayisa noma eziqashisa izindlu zomxhaso kahulumeni ngokungemthetho.

Uphinde wagcizelela ukuthi akukho emthethweni ukuthengisa noma ukuqashisa ngezindlu zomxhaso.

“UMnyango, oholwa yiNhloko yoMnyango uMax Mbili nethimba labaphenyi, kulindeleke ukuthi wenze isimemezelo esikhulu uma sekuphothuliwe zonke izinqubo zophenyo nezomthetho,” elandisa.

UDuma uphinde waveza ukukhathazeka kwemiphakathi ethi ezinye zalezi zindlu zisetshenziswa ekudayiseni izidakamizwa, ukuhwebelana ngabantu nasekufihleni izinkabi.

Ubonge ukubambisana akuthole eziteshini zamaphoyisa asePhoenix naseKwaMashu ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button