Izindaba

Injabulo kwethweswa iziqu kwaPetro Connect

Sindiswa Nxumalo

I-Petro Connect igubhe ukuphothula kwabafundi abangu-199 emcimbini obubanjelwe eNedbank Park Square, eMhlanga, eThekwini.

Lo mbungazo ube uphawu lwempumelelo oluqhubekayo kulolu hlelo olwasungulwa uSibonelo Mbatha.

Lolu hlelo manje selusesigabeni sesithathu futhi lugxile ekuhlomiseni abantu abangasebenzi, ikakhulukazi intsha, ngamakhono ebhizinisi nawemboni kaphethroli ngezifundo ezithatha izinyanga ezimbili kuya kwezintathu.

Abahleli baphinde bamemezela ukuthi kuzovulwa amathuba angu-200 kwabanye abafundi abasha.

Ekhuluma kulo mcimbi, omele i-UIF uTsolofelo Makoloi uthe lolu hlelo alugcini ngokugubha izinombolo kuphela kodwa lugubha izixazululo.

“Asikho lapha ukuzogubha izibalo, kodwa silapha ukuzogubha izixazululo,” kusho uMakoloi.

Abafundi bakhuthazwe ukuthi basebenzise kahle amakhono abawatholile ukusiza abanye nokudala amathuba emisebenzi emphakathini ukuze kwehle izinga lokuswelakala kwemisebenzi.

Ngokusho kukaMasechaba, abaningi babahlomuli bathole uxhaso lwe-R10 000 ukuqala amabhizinisi abo besebenzisa amakhono abawafunde ePetro Connect.

Omunye wabahlomuli, uNhlakanipho Mqadi, ubonge ngaleli thuba.

“Ngaqala ukuzwa ngePetro Connect ngomngani wami ofunda ezokubalwa kwezimali. Ngaba nentshisekelo ngase ngizama,” kusho uMqadi.

UTrevor Hatton waseMnyangweni Wezokuqashwa Nezabasebenzi uthe lolu hlelo lwamukela abantu abavela kuzo zonke izifundazwe.

“Lolu hlelo alugxili kubantu baseKZN kuphela, siphinde samukele abantu abavela ezweni lonke,” kusho uHatton.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button