
Uzolala ubuthongo obehlala endlini evuzayo
Philasande Luthuli
Kufezeke iphupho leminyaka kowesimame okhulisa ingane ekhubazekile eMganwini eMdletsheni.
Lo wesifazane onyelwe inyoni esandleni unikwe izikhiye zendlu kanokusho kuWard 07, kwaHlabisa eMkhanyakude enyakatho yesifundazwe KwaZulu-Natal.
Uchiphize izinyembezi zenjabulo ngesikhathi amukela lendlu kanokusho ayakhelwe uhulumeni.
UNksz Bongekile Mbatha uthi ubeselilahlile ithemba ukuthi uyoke abe nendlu ethi yena enganethwa uma lina.
Kodwa usegezeke inhliziyo lapho ebona abezezindlu befika bemakhela indlu bayiqeda njengoba ngoLwesithathu kade enikwa izikhiye zayo uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula.
UNgqongqoshe ubephelezelwa yiKhansela lendawo nenhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni uNkk Penelope Msimango.
UNksz Bongekile Mbatha ubonge wanconcoza.
“Bengilala endlini evuzayo, bese ngiyipheshe nangothayela. Yisipho esikhulu engingakaze ngisicabange ukuthi singafika kimina”

“Ngibonga kuMnyango wezindlu nakumakhosi. Bengihlale ngizibuza ukuthi ngazi sonani la eMganwini kanti umunwe uzokhomba mina. Ngibonga kakhulu,” kulandisa uNksz Mbatha.
Yize abantu baseMganwini bezwakalise izikhalo mayelana nomgwaqo oxhumanisa iHluhluwe noHlabisa, ukwentuleka kwamanzi, yizinkinga zikagesi nezithuthi zabafundi, kepha uMmuz Lungani Ngobese okhubazekile uthi ufisa ukubiyelelwa indawo ayilimayo ukuze umkhiqizo awuphakela izitolo zaseHluhluwe ungaphazanyiswa yimfuyo ewuvanzi.
Nabathungi bendawo babonge banconcoza lapho uKhawula ebanika umshini wokuthunga.
UKhawula uphinde wacela ukuthi izisebenzi zikahukumeni namakhansela bakhuphule amasokisi.
UNgqongqoshe uthe lokhu kukhomba ukuthi uhulumeni kukhona akwenzayo.
“Kunomklanu wezindlu ezingu-300 ezakhiwayo la eMdlatsheni. Kunezinye esezakhiwe ngaphambilini ezingu-900. Namhlanje sithula indlu kudadewethu onamalunga omndeni angu-9 nalapho kungekho muntu osebenzayo,” kulandisa uKhawula.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



