
Kuboshwe abokufika (5) ngamacala okubulala abesifazane
Sindiswa Nxumalo
Kuboshwe abasolwa abahlanu, abangabokufika kuleli abaphakathi kweminyaka engu-31 kuya ku-40.
Basolwa ngokubulala ngonya abesifazane ababili eNamibia Square, eManguang, esifundazweni saseFree State.
Baboshwa nje bhadanywe ngezikhathi zasekuseni ngeSonto mhla-ka 8 February.
Ezintatha, amaphoyisa azithele phezu kwezidumbu ezimbili zabesifazane zintanta phezu kwegazi eNamibia Square.
Zombili lezi zisulu bezinamanxeba okudutshulwa esiphundu futhi zishonele endaweni yesigameko.
Ngemuva kwalesi sigameko, kusungulwe ngokushesha uphenyo.
Ukubambisana kwamalunga omphakathi esebenzisana neParkweg Tactical Response Team (TRT), kuholele ekutheni kwaziwe indawo ababekuyo abasolwa.
Abomthetho bazithele phezu kwemoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum ebinenabantu abane.
Le Quantum imiswe kuwo umgwaqo ofanayo nalapho kwenzeka khona isigameko sokubulala.
Ngesikhathi kuseshwa imoto nabagibeli bayo, amaphoyisa athole isibhamu esisodwa se-9mm esingenalayisensi nezinhlamvu eziyisithupha.
Kumanje babhekene namacala amaningi okubandakanya ukubulala, elokuphatha isibhamu nezinhlamvu ngaphandle kwelayisensi, kanye nokwephula uMthetho Wezokufika.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele maduze eNkantolo kaMantshi yaseBloemfontein.
Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yokubulawa nokuhlonzwa kwezisulu ezimbili.
NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169



