Izindaba

Idungamuzi emndenini kaZuma ubophana

Morgan Ngwazi

Uhlukane phakathi umndeni kowayenguMengameli uMnuz Jacob Zuma.

Lokhu kuza emuva kokuthi uNkosazana Bongamini Zuma-Mncube esole udadewabo uDuduzile Zuma-Sambudla ngokushushumbisa amalungu omndeni wakwaZuma eRussia.

La malungu kuthiwa abeyothola ukuqeqeshwa okusezingeni lomhlaba.

Esitatimendeni uZuma-Mncube (41) udalule okushaqisayo.

Uthi phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika abangu-17 abaqeqeshelwa ukuba “onogada” nababephambili empini abayisishagalombili amalungu omndeni wakhe.

UZuma-Mncube uthi abagilwa baholelwe oPhathe bazithola sebelwa impi ephakathi kwamasosha aseRussia ne-Ukraine ngaphandle kolwazi noma imvume yabo.

Uthi uvule amacala okwephula umthetho iPrevention and Combating of Trafficking in Persons Act, Foreign Military Assistance Act, kanjalo nelokukhwabanisa kukaZuma-Sambudla (43).

Uthi abagilwa iningi labo liphuma KwaZulu-Natal, libuthwe eqenjini likaMnuz Jacob Zuma, uMkhonto Wesizwe (MK).

Umuntu obhekene namacala kodwa uZuma-Sambudla, oyilungu le-MK ePhalamende.

UZuma-Mncube uthe uvule icala lobugebengu embuthweni wamaphoyisa eSandton ngomhlaka-22 November ebhekene noZuma-Sambudla nabanye abantu ababili, uSiphokazi Xuma noBlessing Khoza, “ngeqhaza labo elikhulu kule nhlekelele”.

UZuma-Mncube uthi ngemuva kokucubungula imininingwane namaqiniso ukholwa ukuthi kukhona imithetho yaseNingizimu Africa ephuliwe.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe, ukuqinisekisile ukuthi amacala avulwe wathi lolu daba luzosingathwa ezingeni lesifundazwe.

Related Articles

Back to top button