Izindaba

Upholisha amabhuzu uLt Gen Khumalo obesejika nelanga

Bahle Mkhize

Inhloko kwiSouth African Police Service’s Crime Intelligence uLieutenant-General Dumisani Khumalo ubuyiselwe emsebenzini nakuba esabhekene namacala enkohlakalo.

Kulindeleke ukuthi aqale umsebenzi wakhe emva kophenyo lwangaphakthi elimkhiphe phambili emacaleni abebhekene okukhwabanisa.

UKhumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa baboshwa ngoJune 2025 yi-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC).

Ukuqokwa kwaDineo Mokwele (30) engenaso isipiliyoni edluliswa izigaba ezithile waze wayofika esikhundleni esiphezulu kwiCrime Intelligence kumbangele utwayi.

Phakathi kwemibandela ayinikwa inkantolo kubalwa nokuthi angalibhadi emsebenzini futhi angakhulumi nofakazi kuleli cala.

Noma kunjalo uphenyo lwangaphakathi luthole bungekho ubufakazi bokuphambana nomthetho ngaleyo ndlela wabuyiselwa etohweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhomishana kazwelonke uFannie Masemola ukhombise ukumezeka esidlangalaleni uzakwabo.

Ubuya nje uKhumalo iMadlanga Commission of Inquiry iyaqhubeka iphenya ibheshu kwabaningi.

Related Articles

Back to top button