
Udilikajele kuthisha owadlwengula itshitshi
Usekude ukubona ilanga uthisha wezibalo waseBizimali High School, KwaNgono, eNkandla, olahlwe yicala lokudlwengula itshitshi elaliphuma eMkhosini woMhlanga, eminyakeni emibili edlule.
USiboniso Dlomo (34) ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseNkandla ngoLwesine.
Ikhipha isigwebo imantshi, ithe uSiboniso akafanelwe wukugcinwa phakathi kwamalungu omphakathi, ikakhulu izingane.
Lesi sigameko senzeka ngoMandulo (September) wango-2023.
Uyise wesisulu wafonela uSiboniso, emcela ukuba amthathele indodakazi yakhe, ayibeke emqashweni eyayihlala kuwona ngenhloso yokusondelela isikole.
Kuthiwa wavuma ukuthatha isisulu, kodwa wangasiyisa lapho siqashe khona, wayosinukubeza ngokocansi.
Isisulu singumfundi esikoleni ayefundisa kusona.

Umdlwenguli nesisulu bangabokuzalwa eMakhabeleni, eKranskop.
Ekhuluma neLANGA uyise wesisulu, eligodliwe igama lakhe ukuvikela isisulu, uthe umndeni ugculisekile ngesigwebo esikhishwe yinkantolo.
“Kusukela ekuqaleni icala, lisangena enkantolo yaseKhombe, sasivele sikusho ukuthi sifuna anikwe udilikajele. Kubuhlungu akwenza enganeni yami, maqede waqamba amanga, wathi lokhu akwenzile wakwenza ngoba bethandana.
“Sinethemba lokuthi uzothola isifundo, kanjalo nabanye othisha abalala nezingane zesikole. Thina sithuma izingane ukuba ziyofunda, bona bafike baziphendule abafazi,” esho.
Ubonge ukwesekwa ngamalungu omphakathi.
“Amalungu omphakathi, omakhelwane, onomehlo, abamele izintombi nezinyane likaMdlokombane uMukelile Zulu, bahambisane nathi kwaze kwaba lufika esiphethweni lolu daba”
“Nakuba liphothulwa namuhla leli cala, kodwa besesiphelile wukukhokha imali yokugibela, kwesinye isikhathi kufike kuthiwe liyahlehla, kodwa kasiphelanga amandla.”



