
Liphume nobovu kugwetshwa umdlwenguli ongenanembeza
Aphelele Cebekhulu
Ugcine egwetshiwe uSello Mapunya obesatshiswa okwenyoka ebibizwa nge“Isilo SaseTshwane”.
Ugwetshwe iminyaka engu-1,088 ebhadla ejele.
UMapunya, lona ubengumgukukudu osatshwayo eNingizimu Africa neseTshwane.
Isigameko sakamuva nje esashaqisa abaningi wadlwengula abesifazane abangu (56) ePitoli nasezindaweni ezizungezile.
UMapunya kuthiwa wadlwengula abesifazane abangaphezuku kuka-56.
Ugile lomkhuba ngaphansi koMasipala iTshwane cishe iminyaka eyisihlanu engabanjwa.
Umgilwa omdala amudlwengula wayeneminyaka engu-55 ubudala kanti owaba mncane wayeneminyaka engu-14.
Abazi kancono izenzo zakhe zobugebengu kuthiwa wayenesihluku esesabekayo ngoba wayenganqeni ukudlwengula ingane phambi kwamzali wayo.
Kokunye adlwengule umzali phambi kwezingane noma agile umkhuba kunkosikazi womuntu phambi komyeni wakhe.
UMapunya odonsa odililajele abayisihlanu neminyaka engu-1088 ngaphezulu useyoze aphume ngebhokisi ejele.
Zimkhalele ummeli osephucwe amaphepha okusebenza uPetrus Thobejane ngenxa yamacala abucayi.
UThobejane, wasulwa ohlwini labammeli ngoMarch nyakenye, uvele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoMsombuluko ebhekene namacala angu-31 okweba imali efinyelela ku-R8.3m.
UThobejane (54) uboshwe esemzini wakhe eCenturion ngoLwesihlanu.
“Kusolakala ukuthi phakathi kukaNovember 2024 no-October 2025, uThobejane wasebenzisa indlela efanayo ukuqola abamangali abaningi,” kusho umkhulumeli weNational Prosecuting Authority uLumka Mahanjana.
Kuthiwa uThobejane wanikezela ngosizo kubantu ababedayiselana ngomuzi.
Ngemuva kokufinyelela izivumelwano, abamangali bathumela kuye izimali.
“Ngemuva kokuthola le mali, uThobejane kuthiwa uhlulekile ukwenza umsebenzi, wagcina engasatholakali, wangayibuyisa imali,”
Abamangali babikele iLegal Practice Council okuyiyona evule amacala eziteshini zamaphoyisa ezahlukene.
Icala lihlehliselwe umhla ka-24 November ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo lwebheyili.



