Ezemidlalo

IPirates engagayelwe mphako igoduke nagcwele eThekwini

I-Orlando Pirates igxume yeqa iKaizer Chiefs yadlulela endaweni yesibili kwilog yeBetway Premiership.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokunqoba kwayo ngo 3-1 ihlula iGolden Arrows eKing Zwelithini Stadium eThekwini ngoLwesithathu ebusuku.

Ngesikhathi i-Orlando Pirates idlulela endaweni yesibili, ibinethemba lokuthi izolingana ngamaphuzu neMamelodi Sundowns eqwhakele.

Kodwa lezi ziqhwaga zaseTshwane ziphinde zathola iwini enkulu kwiTS Galaxy eLoftus Stadium ukugcina amaphuzu azo amathathu ehamba ngawo phambili.

I-Orlando Pirates ihambe phambili ngomzuzu ka-23 ngegoli lika-Ayanda Jiyane ongqofele ibhola enethini yakhe yangakubo kade ligotshwe nguNkosikhona Ndaba.

IGolden Arrows ilinganise ngesiwombe sesibili ngoThokozani Khumalo, kodwa uYanela Mbuthuma washeshe wabuyisela iPirates phambili.

Futhi kuthe i-Arrows isinethemba lokuthi okungenani izoshaya elinye futhi idlale ngokulingana ekhaya, uMbuthuma washayela isipikili sokugcina okwenza kube ngu 3-1 sekusele imizuzu emithathu kuphele umdlalo.

Igoli lika-Arthur Sales ngomzuzu ka-61 belanele ukuthi iSundowns iqoqe amaphuzu amathathu abalulekile ibhekene neqembu leGalaxy elinenkani.

Kweminye imidlalo iDurban City ibuyele ekunqobeni, ihlula iMarumo Gallants ngo 1-0 ngegoli likaHashim Domingo ngesiwombe sesibili.

IStellenbosch FC iphinde yahlazeka ekhaya, ishaywe kungazelelwe ngo 2-0 ekhaya yiSiwele FC – ngamagoli kaSiviwe Magidigidi noTebogo Potsane.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button