
Ikhombise ubungozi iChiefs ibhubhudla i-Orbit
Bebethelwe ngezibonkolo abadlali abasebancane beKaizer Chiefs osekunesikhathi kubhekwe ukuthi bafukule leli qembu.
Namhlanje babe wisizo olukhulu leli qembu lishaya i-Orbit College.
IKaizer Chiefs ivele yayibhubhudla ngo 4-1 i-Orbit emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Kube yizintwana zaMakhosi oMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi ababe ngamaqhawe alezi ziqhwaga zaseSoweto.
Laba bafana – belekelelwa u-Asanele Velebayi – bebephaselana kamnandi futhi belugqobhoza kalula udonga lwasemuva lwe-Orbit.
Kube nguye uShabalala oshaya igoli lokuqala ngomzuzu wesine umdlalo uqalile, kwacaca ukuthi kuzoqansa kwizivakashi.
Kuyiwe ekhefini kuseyilo leli goli likaShabalala elingumehluko kulo mdlalo yize womabili amaqembu ebe nawo amathuba.
UShabalala ube eseshaya elesibili ngomzuzu ka-64, kwaba ngu 2-0 futhi kwabukeka liyishonela ngampela iMswenko Boys.
Nokho u-Ayanda Lukhele ube eseyibuyisela ithemba ngegoli alishaye ngomzuzu ka-70, kwaba sengathi kukhona abangakwenza.
Kodwa kuthe kusaphele imizuzu emithathu ukusuka lapho, uMfundo Vilakazi washaya elesithathu leChiefs ngemuva komnyakazo omuhle wakhe noShabalala.
UFlavio Da Silva ube esengeza elesine ngasekupheleni komdlalo, eliqinisekise ukuthi nakanjani amaphuzu aphelele asala kwiChiefs.
Lo mphumela uthathe iKaizer Chiefs wayibeka endaweni yesibili kwilogi – iyalingana neMamelodi Sundowns ngamaphuzu.
ISundowns iphezulu ngenxa yesibalo samagoli amaningi. Endaweni yesithathu kukhona iSekhukhune United bes eyona ilandelwe yi-Orlando Pirates.
Lisenethini.co.za



