Ezemidlalo

Ithobe izinhliziyo eziphukile iPirates inqoba

I-Orlando Pirates igcine ikwazile ukwenza kahle kwiCarling Knockout Cup — idlulela kweyandulela owamanqamu okokuqala ngqa selokhu lo mqhudelwano wethulwa kabusha eminyakeni emibili edlule.

Ngemuva kokuphuma kabili ngomzuliswano wokuqala, amaBhakabhaka enze kahle ngoLwesibili ebusuku, ehlula iMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni obunzima obuse-Orlando Stadium.

IPirates idlale kahle zisuka futhi yakha inqwaba yamathuba kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ukuthola amagoli.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto — ezizenzelayo emiqhudelwaneni yomkhumulajezi muva nje — zibonise ukuqina, ukubekezela, nokukhalipha lapho kubaluleke kakhulu.

UTshepang Moremi nguye oyibeke phambili ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, ededela ishodi esonqenqemeni lwebhokisi leMagesi, walizwa angendaba u-Elvis Chipezeze.

U-Evidence Makgopa, obesanda kungena esuka ebhentshini, ube eseshaya elesibili eliqinisekise ukuthi eziMnyama ziyadlula.

Kodwa ke ibuye yahuqa ubuthongo emuva, yadedela iMagesi ukuthi ithole igoli lokubika ekhaya. Noma kunjalo, umsebenzi bese wenziwe.

I-Orlando Pirates iyaqhubeka, ijoyina iRichards Bay neGolden Arrows kweyandulela owamanqamu kanti elizothatha indawo yesine lizocaca ngoLwesithathu.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button