Ezemidlalo

Igcagcele esokeni kuJessica Motaung

Umsunguli nosihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung usezwakalise ukuziqhenya okukhulu kulandela ukuqokwa kwendodakazi yakhe uJessica Motaung esikhundleni esiphezulu kwi-Fifa.

Uqokelwe kwi-Fifa Men’s Football Stakeholders Committeee. UJessica, ongumqondisi wezokumaketha kwiChiefs, uzosebenza enhlanganweni yomhlaba iminyaka emine, kusukela ngo-2025 kuya ku-2029.

Lokhu kuphawula enye ingqopha-mlando kuJessica Motaung, ophinde asebenze njengePhini likamengameli we-African Clubs Association (ACA).

Lesi sikhundla esisha siwubufakazi bomthelela wakhe okhulayo kuzo zomibili izinhlangano zebhola ezwekazi nasemhlabeni.

“Lokhu kungukubungazwa kwekhono likaJessica okumanele,” kusho uKaizer Motaung ekhuluma ngokuqokwa kukaJesicca.

“Kufakazela ukuzinikela kwakhe, ubungcweti, namagalelo akhe anomthelela ebholeni laseNingizimu Afrika nelase-Afrika.

“Isikhathi sokuziqhenya kithi njengenhlangano ukumbona emele iKaizer Chiefs, iNingizimu Afrika, ne-Afrika ezingeni eliphezulu kakhulu lebhola lomhlaba.”

Wengeze ngokuthi ikilabhu izoqhubeka nokumeseka “ngokugcwele njengoba amakhono akhe eseya emhlabeni”.

UJessica Motaung yena uzwakalise ukubonga nomdlandla wakhe ngale ndlela entsha azoyithatha.

“Ngijabule ngalolu hambo futhi ngithemba ukuqhubeka nokufunda nokwabelana ngolwazi lwami nezwekazi, i-ACA, nebhola laseNingizimu Afrika lilonke,” kusho uJessica.

Uphinde wabonga kusihlalo wePSL u-Irvin Khoza, umongameli weSafa uDanny Jordaan, usihlalo we-ACA uHersi Said, nomengameli weCaf uPatrice Motsepe.

Uthe ubuholi babo nokumeseka ekuthuthukiseni ibhola lase-Afrika yikho okumbeke lapho ekhona manje.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button