Ezemidlalo

Zibondiwe kwi-KZN Super League Grand Finale

Amanda Mjaja

Ikhalenda lezemidlalo KwaZulu-Natal ligcwele injabulo njengoba i-KZN Super League Grand Finale ithulwe ngokusemthethweni namuhla eThekwini.

Ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula uthe lo mcimbi ukhombisa ithalente lemidlalo eliqhakazile kwisifundazwe.

“I-KZN Super League Grand Finale ingaphezu nje komqhudelwano, kuwungukugubha uthando lwesifundazwe sethu kwezemidlalo nomoya womphakathi”, kusho uKhawula.

“Njengoba sihlangene lapha namuhla, ngiyajabula ukubona abasubathi bethu abanamakhono, abaqeqeshi, nabaphathi bevelela enkundleni enkulu kunazo zonke”.

Umdlalo wokugcina omkhulu olindelwe kakhulu uzodlalwa ngoMgqibelo, ngomhla ka-11October, e-Umhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

Amathimba avela kuzo zonke izifundazwe azohlangana ukuze alwele indawo yokuqala, akhombise ikhono, ukuzimisela nobungcweti.

UKhawula ugcizelele ukubaluleka kokuthuthukiswa kwezemidlalo esifundazweni.

“Ngokusebenzisa izinhlelo ezifana neKZN Super League, asinakekeli kuphela abasubathi kodwa futhi sakha imiphakathi eqinile, ehlanganisa wonke umuntu”.

I-KZN Super League Grand Finale ithembisa ukushiya umaka ongasoze walibaleka kubalandeli bezemidlalo kanye nabo bonke ababambe iqhaza.

Related Articles

Back to top button