Izindaba

Zimkhalele ePinetown osolwa ngokudlwengula eBizimali High 

Bahle Mkhize 

Ubanjwe eTshelimnyama, ePinetown, owesilisa osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla.

Ngokombiko weLanga kuvele ukuthi abalalanga osomatekisi baseNkandla KwaNgono, ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association, bemthungatha.

Umsolwa ecaleni lokudlwengula abafundi baseBizimali High esephelelwe usharini ebanjiwe eTshelimnyama, ePinetown

Emuva kokuzwakala umkhondo wakhe osomatekisi bahlangane ndawonye ebusuku bayizolo ekhumbini eyodwa, balibangisa eTshelimnyama lapho abebhace khona umsolwa.

Uboshwa nje uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ubesanda kukhipha isitatimende ehlaba ikhwelo lokuthi akabanjwe aboshwe ngokushesha umsolwa.

Lesi sikole sakhiwe enhla nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Namhlanje (Msombuluko) abafundi bakulesi sikole bangene esitelekeni befuna kuboshwe lo msolwa.

“Lesi sigameko esithusayo asamulekile ezikoleni nasemphakathini. Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi lomsolwa ukuthi ungakuphi athinte amaphoyisa ngokushesha,”

“Ukuthula kugqugquzela kuvikela abenzi bobubi kanti kumele silwisane nempi,” kusho uNtuli.

UKhanyo Zwide ezinkundleni zokuxhumana uthe umsolwa uyavokelwa:

“Akusikhona ukuthi uyasatshwa yingoba udlwengula ezokufika hhayi ezendawo. Ngalokho umphakathi uyamvikela umuntu wabo okuyinto yakhonake vele eNkandla angimangali,”

“Thina nje esinosisi abaqashile nabafunda khona siyazi, umphakathi waseNkandla uyamvikela umuntu wendawo,”

“Ewu cha ngaze ngabuhlungu ngale ndaba. Abalekelelwe abantwana bavule amacala nokululekwa ngokomqondo bayakudinga,” kusho Nomondli Mtshali.

“Uxhaphaza lezi aziyo ukuthi ezokufika  nomphakathi awulisukumeli lolu daba kusaxhaphazeka ezomqasho. Siyacela mphakathi nenze iqiniso umsolwa engaxhaphazi osisis bethu akukude eNkandla siwuZulu,”

Ubhuleni kusekuhle lo mlilo ngoba kwafika thina mhhh,” kusonga uLindani Mukelwa.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button