
Zizobe zibondiwe uNonto R ebungaza iminyaka eyishumi
Sane Mseleku
Intandokazi kasomahlaya kuleli uNonto R uzogubha iminyaka eyishumi ngestayela ekule ndima kaqedisizungu.
Sikhuluma nje, kuhlelwe indumezulu yomcimbi iComedy Meets Gospel Show ezobe ihlanganise osomahlaya nabaculi beGospel.
Lolu hlobo lomcimbi luzoba ngomhla ka- 14 February 2026, eTSOGO Globe, eSuncoast.
Kunesasasa ngalo mcimbi osekuqaliwe ukukhulunywa ngawo nozoqala ngo-18:30 pm.
UNonto R uzobe eshiyelana inkundla nezingqungqulu zosomahlaya bakuleli, okubalwa kubo uTol Ass Mo, Churchboy, Khanyisa Bunu kanye noJustice Kubheka.

Kuzoba nabaculi beGospel abangaconsi phansi kubalandeli babo okubalwa uXolly Mncwango, Dumi Mkokstad kanye noJumbo.
Umcimbi uzobe uphethwe u-Alphi Mkhwanazi.
UNonto R uchaze lomcimbi ngokuthi akuwona nje owokujabulisa abantu kuphela kodwa bazolapheka nangokomoya.
“Akuwona nje umcimbi wokuhlanganisa osomahlaya nabaculi beGospel abahlonishwayo, kodwa indlela yokukhombisa ubumina nengikuhlosile, ngamahlaya. Ngifundisa abantu, ngibalaphe,” kusho uNonto R.
Le ntokazi iseke yanqoba indodo kwiSavanna Comics Choice Awards ngo- 2023, wathatha isicoco seBreakthrough Act of the Year neJoe Mafela Award.
Ngo-2016 wahlonishwa ngendondo yeSouth African Traditional Music Awards, Best Indigenous Comedian, kwathi ngo-2018 waba kuTop 5 kwiBest Newcomer.
Amahlaya wakhe enza akwazi ukuxhumana nezihlwele nabalandeli bakhe kalula.
Lo mcimbi uxhaswe abeWomen in Comedy Foundation bebambisene nabe CCMS Africa noMtiba Media.



