Ezemidlalo

Zimb’izinto kwiBafana ebesithembile kweyendebe yomhlaba

Sekubhedile kwiBafana Bafana njengoba sesiphumile isinqumo ngecala layo lokusebenzisa umdlali okwakumele ngabe umisiwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi.

IFifa isiikhiphe isinqumo esilicekele phansi elakuleli, iqinisekisa ukuthi umdlali wasesiswini uTeboho Mokoena wayengafanele ukudlala emdlalweni neLesotho.

Isijeziso salokho? Ukuguqulwa komphumela udle iBafana Bafana okusho ukuthi sekufana nokuthi yahlulwa ngo 3-0 kuwo.

Lesi sinqumo sesiphazamise kakhulu amathumba eNingizimu Afrika okungena kwiNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 ezoba seMexico, US naseCanada.

IBafana Bafana yayinqobe lo mdlalo wangoMashi ngo 3-0 ishaya eLesotho, kodwa manje lowo mphumela sewujikiwe wavuna leli zwe elingomakhelwane.

Iqembu likaHugo Broos lilahlekelwe amaphuzu amathathu abalulekile ngalesi sigameko esikhomba ubudedengu babaphathi.

Ikomidi leFifa eliqondisa ubugwegwe linqume ukuthi uTeboho Mokoena, ongumdlali obalulekile kwiBafana Bafana kwakumele ngabe akadlalanga.

Lokhu kungenxa yokuthi waseseqokelele amaphuzu amabili emidlalweni edlule yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Ngaphezu kokulahlekelwa amaphuzu kweBafana, iSafa ishaywe ngoswazi oluncane njengoba ihlawuliswe imali elinganiselwa ku-R200 000.

Umthelela walokhu mubi futhi mkhulu kakhulu. Udle amandla nokuzikhandla kwabadlali enkundleni.

Lesi sinqumo senza indlela yeBafana Bafana ebheke eNdebeni yoMhlaba iqanse ekubeni beyisilula kakhulu.

IBafana Bafana – yize isaqhwakele – manje seyibambene ngamaphuzu angu-14 neBenin ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.

Futhi manje sekuzomele iyinqobe yomibili imidlalo esele ukuze iqinisekise indawo yayo eNdebeni yoMhlaba.

Ngaphambi kwalesi sinqumo seFifa, beyishoda ngephuzu elilodwa nje vo ukuthi iqinisekise indawo yayo kulo mqhudelwano.

Izobhekana neZimbabwe ngo-Okthoba 10 eMoses Mabhida Stadium Thekwini bese kuba iRwanda ngemuva kwezinsuku ezine eMbombela Stadium eNelspruit.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button