
Zilahlwe olwandle izikhiye kobulele indodana nonina ngesihluku
Sane Mseleku
Ugcine egwetshiwe owesilisa owabulala udadewabo (33) nendodana yakhe (11) ngonyaka odlule.
Ngomhla ka-22 January 2025 umbulali oneminyaka engu-29 ubudala wase Dithakong Village eduze kwase Kuruman, waya emzini kamufi ukuyofuna imali.
Uma isicelo sakhe singaphumeleli wacela ukudla walinda umufi esakwenza. Esalindile, wathumela indodana kamufi ukuba iyomthengela ugwayi esitolo.
Ngesikhathi ingane isihambile, waphoqa unina ukuba amnike ikhadi lasebhange. Wathi uma enqaba wamlwisa wamdonsela ekameleni lapho afike wamgwaza khona emqaleni.
Emuva kwalokho, wabheka walithola ikhadi, wakhiya endlini wabe eseyahamba. Endleleni wakhumbula ukuthi umfana akakabuyi, waphindela emuva, wamlinda.
Uthe uma ebuya umfana wambulala ngendlela efabayo nabulale ngayo unina. Waqeda wakhiya wahamba. NgoLwesibili mhla ka-27 January 2026 umbulali ugwetshwe odilika jele ababili, ngokubulala ngesihluku umama nendodana.
Kuphinde kwangezwa ngeminyaka engu-15 ngecala lokweba. Ugwetshwe inkantolo enkulu yaseKathu. I-Acting District Commissioner yaseJohn Taolo, Gaetsewe District, eNorthen Cape.
UBrigadier Kenneth Baloyi, uncome umseshi uConstable Tom ngokuzimisela emsebenzini wakhe.
“Ngihalalisela umseshi uConstable Tom ngomsebenzi omuhle awenzile, ngokuqinisekisa ukuthi umthetho udlala indima yawo, ngokugweba umbulali” kusho uBaloyi.



