
Uzozinikela emaphoyiseni uXolani olandelwa yifu
Sane Mseleku
Sekumphindile futhi uXolani Khumalo wodumo lokuthula uhlelo iSizok’thola, kwiMoja Love ukubhekana nengalo yomthetho.
UKhumalo okumanje usohlwini lwabaqokwe kwesokuba yiMeya Ekurhuleni, kulindeleke ukuthi azinikele kwabomthetho ngoMsombuluko.
Lokhu kuzwakale emuva kokuthi amaphoyisa ebophe usihlalo weGauteng Crime Fighting Units, uDuma Radebe.
URadebe uboshwe nje uvulelwe icala omunye wabasolwa abadayisa izidakamizwa.
Icala lavulwa ngoDecember 2025 eKatlehong, eGoli. Umsolwa wavula icala lokushawa nokukhonjwa ngesibhamu ngesikhathi kugaselwa kuleya ndawo.
Kubikwa ukuthi uRadebe wabe enoKhumalo ngaleso sikhathi.
UKhumalo ngo-April nyakenye waphulukundlela ePalm Ridge Court ebhekene necala lokulimaza impahla, elokubulala nelokuphanga.
Lesi sigameko esanqinda amandla uXolani emsebenzini owawuthokozelwa abaningi senzeka ngo-2023.
Babesolwa ngoku “xoxa” noRobert “Rick’s” Varrie (49) owayesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Wabe esephuthunyiswa esibhedlela nalapho wafike waphelela khona.
USihlalo wenhlangano i-ActionSA uMichael Beaumont uqinisekisile ukuthi uKhumalo uzozinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko.
Uzozinikela nje kuzwakale ukuthi amaphoyisa afuna ukumbopha amubeke amacala okushaya.
UBeaumont ubike ukuthi emuva kokuzwa lokhu uKhumalo ube esehlela ukubonana nabomthetho ngoMsombuluko, ukuze ezwe ngalo ludaba.
“UKhumalo uzimisele ukuzinikela emaphoyiseni ngalo ludaba olumthunazayo futhi, elwiselwa ukulwa nobugebengu endaweni yase-Ekurhuleni”
“Lokhu akuqali ukwenzeka abantu baseMzansi bayazi ukuthi abomthetho bahlezi bededela izigilamkhuba zicanase ngaphandle bese belwisana nalabo abazama ukunciphisa ubugebengu”
“Ngonyaka odlule uKhumalo wayekhona ngesikhathi amaphoyisa egasela endaweni yaseKatlehong eze kosolwa ngokudayisa izidakamizwa, kwatholakala isibhamu esingekho emthethweni waboshwa.
“Kodwa umsolwa akazange abhekane namacala akhe, aye enkantolo okunalokho wadedelwa wabuyiselwa nesibhamu sakhe,” kuqhuba uBeaumont.



