
Uzobhadla odlwengule intombazanyana emfuleni
Morgan Ngwazi
Ugixabezwe ngeminyaka engu-20 ebhadla ejele owesilisa otholwe enecala lokudlwengula intombazanyane angayizala.
UGodfrey Mokebi Ndebele owadlwengula isisulu sowesifazane esineminyaka engu-13, utholwe yinkantolo yesifunda saseBurgersfort enecala.
Uphiko lweBurgersfort Family Violence and Sexual Offence linqume ukuthi lo wesilisa (40), uzobhadla ejele ngale senzo sakhe sobulwane.
Isigameko senzeka ngomhla ka-13 September 2024, kanti uNdebele uze wagwetshwa ngoLwesine mhla ka-29 January 2026.
UNdebele waholela oPhathe isisulu ukuthi asihlanganyele nabangani baso emfuleni iPraktiseer kuyobhukudwa.
Nebala bafika babhukuda ngokwehlukana, abangani babashiya emfuleni.
Ngesikhathi esabhukuda, ummangalelwa wavele wabamba isisulu wasikhipha emanzini wasidlwengula ngaso leso sikhathi.
Abangani besisulu baba nezinsolo ngomsolwa base bebikela abadala, bahlangana nomphakathi bamthungatha uNdebele owangcina etholakele.
Umphakathi ‘waxoxa naye’.
Amaphoyisa alunywa indlebe aphuthuma endaweni yesigameko, nokwaba yilapho amhlenga khona, wathola imihuzukwana.
Udaba lwadluliselwa ophikweni iBurgersfort Family Violence, Child Protection and Sexual Offenses.



