
Uzalelwe yinja endlini obhadanywe nezamaphoyisa
Sphumelele Mjaja
Uzalelwe yinja endlini uSimphiwe Mhlongo oneminyaka engu-38 ubudala oboshelwe icala lokutholaka nomfaniswano wamaphoyisa.
Phezu kwalokho kwavela nelinye icala lezinsolo zokubulala usomatekisi waseNewcastle, Osizweni.
Kuphinde kwavuka necala lokugqekezwa ibhizinisi e-Utrecht ngoMay kulo nyaka.
Phakathi kwezinto ezibanjiwe ukutholakala nemoto eyebiwe, izibhamu ezingekho emthethweni kanye nomfaniswano wamaphoyisa.
Umvusi wenyamazane yiphoyisa elalingekho emsebenzini elabona imoto esolisayo eyayishayelwa uMhlongo emgaqweni u-N11.
Imoto nayo kusolwa ukuthi yebiwe futhi iyabandakanya ekwebiweni kwemfuyo esifundazweni saseMpumalanga.
Amaphoyisa avakashela emzini wakhe eyopequlula nalapho bavundulula umkhono nomkhono wekati.
Baphinda bathola, isitembu esiqinisekisa amaphoyisa, okhiye bezimoto abahlukahlukene namanye amaphepha.
UMhlongo wavela okokuqala enkantolo yeMantshi yase-Utrecht ngoLwesine mhla ka-17 Sethemba 2025.
Okuyilapho agcinwa khona esitokisini ukuze kuqhubekwe nophenyo.
“NgoMsombuluko isicelo sikaMhlongo sokukhishwa ngebheyili asiphumelelanga”, kusho uLieutenant-Colonel Paul Magwaza okhulumela amaphoyisa.
Uqhubeke wathi: “Kutholakala ukuthi uyabandakanya nokubulawa komnikazi wetekisi e-Osizweni,
“Uphenyo lusaqhubeka futhi kulindeleke ukuthi uMhlongo abhekane namanye amacala obugebengu”, kuphetha uMagwaza.



