Ezemidlalo

Uyanaba uNabi ngesenzo sonompempe ‘obadlise’ ngeSundowns 

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine, useveze akukhulume nonompempe ngesikhathi kuyiwa ekhefini emdlalweni wezakhe neMamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia ubebonakala ecasuke eqhuma ngezinqumo zalo nompempe uSikhumbuzo Gasa.

UGasa ubekade evume igoli leSundowns elikhalise abeChiefs, waphinde waphoqa ukuthi basuse i-iPad abebebuka kuyo umdlalo ebhentshini.

“Bonke abantu bangitshela ukuthi igoli lesibili libe yi-offside, yi-offside ecacile,” kusho uNabi kwiSuperSport TV.

“Ngiyamangala eNingizimu Afrika asisebenzisi neVAR – akunakwenzeka eMorocco, eTunisia… eNyakatho Afrika.

“Izwe elikhulu njengeNingizimu Afrika elinenhlangano enkulu (iSafa) neqembu lesizwe kodwa aliyisebenzisi i-VAR.

“Sikhuluma nonompempe, (sithi) igoli liyi-offside enkulu, imitha noma amabili.

“Siya egunjini (lokushintsha). ‘Awudingi ukunginika isipho’, yilokho engikusho kuye.

“Ngithe ‘Angisidingi isipho, wena udinga ukuhlonipha imithetho yomdlalo. Udinga ukungihlonipha’, angidingi usizo lonompempe.”

Uthe yize zikhalisile izinqumo zonompempe kulo mdlalo obuthanyelwe abalandeli ababalelwa ku-84 000, kodwa lokho akuyona into angacasha ngayo.

“Kodwa akuzona izaba. Uma ngihlulwa, ngilahlekelwa umdlalo, ngiyaqhubeka nokupheka.”

IChiefs manje isekhefini kuze kube impelasonto ka-Okthoba 22, lapho izoqala khona umkhankaso weCarling Knockout Cup.

Lisenethini

 

Related Articles

Back to top button