
UTyla ulindizise phezulu iflegi lakuleli eMelika
Sindiswa Nxumalo
Isihlabani somculo wePop sase Ningizimu Afrika uTyla uhlabane ngendondo yakhe yesibili, iBest African Music Perfomance kumaGrammy Awards, ngeSonto eLos Angeles, eMelika.
Lo mcimbi ububanjelwe ePeacoack Theatre.
Ingoma ahlabane ngayo kulo mqhudelwano wama- 68 Annual Grammy Awards iPush 2 Start, eyakhishwa ngonyaka ka-2024.
Useke waphumelela kulo mqhudelwano phambilini ngengoma yakhe iWater ngonyaka odlule kuma-Grammy.
Elandisa emuva kokunqoba, uTyla uthe wayezizwa edabukile ukuthi akakwazanga ukwamukela indondo esiteji, kodwa ukuyithola kuyimpumelelo enkulu emsebenzini wakhe.
Abanye abaculi abebekhethiwe kulo nyaka kwakubalwa uBurna Boy, Davido no Omah Lay, Eddy Kenzo no Mehran Matin, kanye no Ayra Starr no Wizzkid.
Ngesikhathi kuxoxwa naye ngemuva kwe stage uzwakalise ukuzisola ngokungakwazi ukuzwakalisa ukubonga kwakhe emva kokunqoba.
“Bafwethu, lokhu akukholakali, nginenhlanhla yokuba lana, ngiyaziqhenya ngokuba um-Afrika. Ngiyaziqhenya ngokuba owala engivela khona, ngiyathemba nani niyaziqhenya,” kusho uTyla.
Uqhubeke wathi uyajabula ukubona iningi labo liphesheya. Ubonge abantu abaningi kakhulu, waphinda wabonga uNkulunkulu, umndeni wakhe neqembu lakhe ama Tygers.
UTyla uphinde wamemezela ukuthi icwecwe lakhe lesibili elibizwa nge “A Pop” lizophuma ngesikhathi sasehlobo laseMelika.
Nosomahlaya wakuleli uTrevor Noah wayeqokelwe iGrammy yeBest Book Audio, Narration and Storytelling Award, indondo igcine itholwe uDalai Lama.
UNoah ebengumsunguli walo mcimbi



