Izindaba

Ubumayemaye kushayisana izimoto ezintathu nabagibeli

Sane Mseleku

Lishone elangoLwesihlanu kumuncu
kumgwaqo uP200, eduze kwaseGamalakhe Sports and Leisure Centre, ePort Shepstone.

Kuphoqeleke ukuthi abenkampani yosizo lokuqala iKwaZulu Private Ambulance Service, basabele ngokushesha kule ngozi enyantisa igazi.

Le ngozi ibandakanya izimoto ezincane ezintathu.

Abagibeli abathathu bathole ukwelashwa endaweni yesigameko omunye wabo isimo besisibi kakhulu, kusolakala nokuthi kukhona baphuke amathambo emzimbeni.

Kudingakale ukuthi bathole usizo ngokuphuthuma.

Abanye ababili bebenemhuzuko nje engatheni nabo basizwe khona lapho, base bedluliselwa esibhedlela.

Lengozi idale isiminyaminya emgwaqeni uP200. Abomthetho babe sebelawula izomoto kulo mgwaqo, kwavalwa nomunye ukugwema enye ingozi.

Lokhu kudale isiminyaminya esikhulu nokulibala kwezimoto.

Imbangela yengozi isaphenywa. Amaphoyisa abekhona esigamekweni afuna ukwenza uphenyo abe nesiqiniseko sokuthi yini imbangela yengozi.

Related Articles

Back to top button