
Ubulewe ovulele ngenganono kwiSAPS
Udutshulwe wabulawa umsolwa okuthiwa uvulele ngenhlamvu kuqala emaphoyiseni zibambene eMondlo, Vryheid KwaZulu-Natal.
Lo msolwa oneminyaka engu-37 ubudala ubefunelwa amacala okubalwa ukubulala, awokuzama ukubulala nokudayisa ngezidakamizwa.
Amaphoyisa esifundazweni ophiko Crime Intelligence abelokhu bebalandela kancane labasolwa nangosizo lwePMB K9. Bagcina bagasele la bekucashe khona labasolwa.
Kulaph,o ke la zitholane khona phezulu kodwa alikho iphoyisa elilimalile.
Ngokombiko we-eNCAnews umsolwa ubaziwa ukuthi uyalishaya ikhanda kanti namacala wakhe abemane ahoxiswe nje kungazelele.
Kukhulunywa nje umfowabo uhamba icala eNquthu kanti abanye bezisulu bangofakazi ecaleni.
Kutholakale isibhamu sohlobo lwe Revolver endaweni yesigameko.
Khonamanjalo, amaphoyisa amthele othulini umsolwa ovele wanyamalala wangaziwa ngesikhathi esadedelwe ngebheyili.
Ubeboshelwe amacala ahlanganisa elokubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuthumba.
Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Tracing Team abephethe i-warrant yokumbopha egungazwe yinkantolo aqonde kwa-E eMlazi lapho obekuzwakale ukuthi ungakhona.
Nebala atheleke engasadle nkobe zamuntu.
Ngokwemibiko uthe uma mayewabona wadubula kuqala ebhekise ngakuwona nawo aphendula ngenganono waphelela endaweni yesigameko umsolwa.
Akusona isigameko sokuqala lesi, kuzokhumbuleka ukuthi amaphoyisa akwaZulu-Natal, eNanda, athele othulini umsolwa (26) obecashe eLusaka kule ndawo.
Lesi sigameko senzeke ngoJuly.
Ngokusho kwamaphoyisa usolwa ubevele efunelwa amacala abucayi abakwasidlodlo.



