
Ubulawe amaphoyisa obebalekela amacala
Bahle Mkhize
Ungqokozwe ngenhlamvu amaphoyisa umsolwa obefunelwa amacala okubulala entsonalanga neTheku, Klaarwater, KwaZulu-Natal.
Ubulawa nje kuthiwa nguye odubule kuqala ezikaMkhwanazi nazo zaphindisela.
Umsolwa ubengaphandle ngebheyili kanti bekunoxhaxha lwamacala okuhlanganisa ukuqola abantu imali ngikubanjwa inkunzi kuhlonyiwe.
Njengoba lo msolwa aphuma ngebheyili kuthiwa akabange esazihlupha ngokuthumela enkantolo abhekane namacala wakhe.
Lo msolwa ubephinde alamaniswe nezigameko nokubulawa kwabesilisa abathathu ngesihlulu esigcemeni sakwaF eMlaza emasontweni ambalwa edlule.
Abakwasidlodlo abavela kwiProvincial Tracing Team bamcinge bamthola endaweni abeqashe kuyo ngenhloso yokumvalela.
Nokho akuhamba kahle njengoba umndeni wakhe ususezinhlelweni zamalungiselelo omngcwabo.
Alikho iphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana.
Khonamanjalo ngomhla ka-21 November iPurpose ibike ngodaba olufana ncamashi lapho amaphoyisa athele othulini umsolwa ovele wanyamalala wangaziwa ngesikhathi esadedelwe ngebheyili.
Ubeboshelwe amacala ahlanganisa elokubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuthumba.
Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Tracing Team abephethe i-warrant yokumbopha egungazwe yinkantolo aqonde kwa-E eMlazi lapho obekuzwakale ukuthi ungakhona.
Nebala atheleke engasadle nkobe zamuntu.
Ngokwemibiko uthe uma mayewabona wadubula kuqala ebhekise ngakuwona nawo aphendula ngenganono waphelela endaweni yesigameko umsolwa.



