
Liyah Mseleku
Iphethe istayela, inhlanzeko, nokunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu indawo yokuzicwala iVirginia Beauty Parlour.
Umphathi wale ndawo uNksz Wendy Dlamini uthi ugqugquzelwe ukuzithanda nokudala amathuba emisebenzini.
Okudonsa amehlo ngeVirginia Beauty Parlour wukuthi isenkabeni yedolobha iTheku emgwaqeni u-Anton Lembede Street obuwaziwa ngoSmith Street.
UWendy udabuka eXobho, nokho abazali bakhe bagcina bethuthela eMlaza kodwa yena usezinze endaweni yomtakabani eMhlanga Ridge.
Echaza ngokumenzela ugazi ngale ndawo uthi wukuthi ivulwa ubusuku nemini izinsuku eziyisikhombisa esontweni.
“Sivula ubusuku nemini okwenza sihluke. Noma ngabe unendlela ebusuku kodwa uyeza kithina usizakele”
“Asikhethi bala lamuntu futhi asicwasi, ngikhuluma ngoba nabesilisa bayafika ukuzosizakala sibenza izinzipho zicwebezele nokunye”
“Ngale kwalokho uma ungena phakathi sikuxhuma kwiWiFi mahhala, aircon nobhazabhaza bamathelevishini ababili abadlala izithombe ezahlukene”
Ngeke uze uduke ngoba amabhodi akhangisa ngale ndawo yokuzicwala akudonsa useza kude.
UWendy uthi akubanga lula njengoba wayehambe ezingqula ezindongeni kodwa ekugcineni leli bhizinisi ubone kuyilo elingamphilisa nabasebenzi bakhe.
Nakuba lisakhasa kwazise livulwe ngokusemthethweni ngomhla ka-9 June 2025 kodwa selikwaze ukuqasha inqwaba yabasebenzi.
“Nginayo intshisekelo yokuqhubeka ngivule amanye amabeauty parlour khona la eThekwini nakwezinye izindawo”
“Akubanga lula ukuvula le yokuqala ngoba ngihlukane nemali engu-R1,3 million kodwa nginethemba lokuthi sizondlondlobala” kuphawula uWendy.
Amanani abaqala kuwo u-R50 kuze kuphele inyanga kuye ngomuntu ukuthi ufisani kodwa asikho istayela ongeke wasithola kubo kusukela ekugundeni ikhanda, izinzipho braids njll.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



