Izindaba

Ubengezwa mshini ngesoka elisolwa ngokumgwaza limbulale

Philasande Luthuli

Ubengezwa mshini ngesoka lakhe elihlukumezayo uLumka Shezi neligcine ngokumgwaza limbulale.

Lawa ngamagama avele komunye wabangani abebesondelene noLumka.

UMufi uke wasebenza ePavallion Perfect 1O Nail & Body Studio, ngokuhamba kwesikhathi ubesezisebenza enendawo yakhe yokucwala abantu.

Utholakele esegwaziwe endlini yakhe, eMlazi kanti kusolwa leli soka abanengane yentombazane eneminyaka eyisishagalombili ubudala.

Kwamanye amaVoice Notes aputshukele kwiPurpose kuzwakala omunye  wabangani baLumka ekhala ngokuthi wabalahla wakhetha leli soka.

“We-Oh uLumka ushonile busuzwile? Kusolakala ukuthi ugwazwe yiyo futhi le ndoda yakhe eyasixabanisa. Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba ngayikhuluma indaba yalo mfana ukuthi ngolunye usuku uyomgwaza amlimaze wangangilalela”

“Wakhetha yena walahla mina umngani wakhe owayemtshela amaqiniso. Umbulele ke manje, utholwe endlini eshonile ugwaziwe,” kukhala umngani kaLumka.

Ngesikhathi siloba bekungakaveli ukuthi umsolwa useboshiwe yini

Khonamanjalo, kutholwe enqunu edlwenguliwe wabulawa uNokwanda Zulu eNewcastle, eLister Farm.

Umndeni wakhe uthi ufuna ubulungiswa ngemuva kwalesi sigameko esishaqisayo.

Lesi sigameko siza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kutholwe owesilisa ebulewe eLister Farm.

Omunye umfana wagwazwa eMadadeni ngeviki eledlule kodwa wasinda, kubukeka sengathi ugwazwe ngomunye wabafana abayingozi eLister Farm, umsolwa wabanjwa waboshwa.

Umphakathi waseLister Farm uthi ushaqekile ngezenzo zodlame ezenzeka kule ndawo njengoba sinyukile isibalo sabafana ababamba inkunzi bababulale kulezi zinsuku.

Amaphoyisa aseMadadeni ayanxuswa ukuthi angenelele futhi aqaphe endaweni ikakhulukazi ebusuku njengoba izinga lokwesaba selinyukile.

Related Articles

Back to top button