
Sekuyalunga ngesikhungo esizogcina ‘amaphara’
Amanda Mjaja
UMasipala waseThekwini usuqinisikise ukuthi lolu suku lweWorld Homeless Day oluthathwa njengalwabantu abangenamakhaya lulokoza inhlansi yethemba kwabaswele.
ISekela leMeya uCouncillor uZandile Myeni, njengoSihlalo weKomidi lezokuphepha kanye nezimo eziphuthumayo ubeyingxenye yalo mshikashika.
Kubalwa ukuhlanganyela nabahlali abangenamakhaya abazimisele ukuzuza esikhungweni sokukhosela.
Lesi sikhungo iSakhithemba okulindeleke sishintshe izimpilo zabantu sakhiwe eLovu, eningizimu yeTheku.
UMyeni wethule umbiko omusha mayelana nenqubekela phambili ngalesi sakhiwo esisemphakathini naseduze kwesikole nesonto.
Uphinde wagcizelela ukuzibophezela kuMasipala ukulekelela imiphakathi ethintekile.
“ISakhithemba Shelter ingaphezu kophahla olungaphezu kwekhanda.
“Imelela isithunzi, amathuba nendlela yokufaka abantu abangenamakhaya kwezomnotho”.
“Siqinisekisa ukuthi lesi sikhungo sihlangabezana nazo zonke izinto ezidingekayo nokuthi izakhamuzi ziyazi ngale phrojekthi”, kusho uMyeni.
Ubuye waveza ukukhathazeka ngezinsolo zokucekela phansi.
Uveze ukuthi abanye abantu baye baqala umkhankaso wokudicilela phansi lo msebenzi futhi bahlanganise umphakathi ukuze uwenqabe.
“Ngeke sivumele ukwaziswa okungelona iqiniso noma amaqhinga okuhlukanisa ukuphazamisa imsebenzi eklanyelwe ukuphakamisa nokunika amandla”, kusho yena.
Le ndawo yokukhosela izonikeza abantu abaswele inhlalo enhle kuphinde kuthuthukiswe amakhono.
Akuzogcina lapho kodwa kuzoba nemitapo yolwazi, abasebenzi bezenhlalakahle abaqeqeshiwe abezobuchwepheshe nokunye.
UMasipala uthi uzibophezele ekusekeleni ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane njengengxenye yamasu okuhlomisa.
Kwenzeka lokhu nje umphakathi waseLovu namaphethelo ubungayizwa eyalesi sikhungo.
Lokho kufakazelwa imibhikisho umphakathi ukhala ngokuthi kungani kususwa amaphara aseThekwini alethwe emphakathini waseLovu.



