Ezokungcebeleka

Luqale kwa-A olukaMaphorisa noThuli abafakana ezinkantolo

Morgan Ngwazi

Kubukeka sengathi amanzi lapho aseke ama khona aphinde ame ngempela, lokho kufakazelwa uDJ Maphorisa nomlingisi ophinde akwebhe amapleti uThuli Phongolo.

Labo bobabili babengamathe nolimi kodwa ngenxa yezinkinga zasemjolweni uthando lwabo kwagcina kuphuzwa ngalo itiye ngo-2023.

Abantu abasondelene nalaba bobabili batshele iSunday World ukuthi uPhongolo ucele uMaphorisa ukuthi amboleke imoto yakhe ayithandayo ebomvu yohlobo lweBMW 325, edume ngelikaGusheshe, ukuze aqophe ivideo yakhe yomculo.

“UThuli wayesezoshutha i-video, kodwa waveza ukuthi kungaba kuhle ukuba nemoto kaMaphorisa yohlobo lwe-BMW”.

“Wabe esefonela uMaphorisa ukuze afike ngoba wayefuna ukuba imoto ibonakale kule video,” kusho umthombo.

“UPhori akapholisanga maseko wafika walinda ngesineke ngaphandle kwalapho kushuthwa khona ngesikhathi uPhongolo nethimba lakhe bematasa beqopha, kube kuhle ukubona lolu hlangothi lukaMaphorisa ngemuva kokwenzeka phakathi kwakhe noThuli”.

“UThuli ubelokhu esitshela ukuthi ujabule ngokufika kukaPhori nokuthi babuyelane isinyenyela. Kuyinto enhle uma abantu bemukela uthando futhi baxazulule izinkinga zabo”

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMeyi 2023, uMaphorisa waboshwa ngemuva kokuthi uPhongolo evule icala lokushaya kulandela ingxabano ababanayo eflethini eSandton.

UPhongolo ngaleso sikhathi uMaphorisa wayemshaye kabi waphinde waveza ukuthi wamklinya.

UMaphorisa waboshwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, wadedelwa ngebheyili ka-R4 000. UPhongolo wabe esewahoxisa amacala ayebekwe wona.

Ngaleso sikhathi laba bobabili bakhipha isitatimende ngokuhlanganyela bethi sebekuxazululile ukungaboni ngaso linye kwabo.

Ethintwa ukuba aphawule, uPhongolo uthe ukuthi usendaweni yokuzicwala izinwele uzokwazi ukuphawula ngokuhamba kwesikhathi.

Imibuzo eyathunyelelwa uMaphorisa ibingakaphendulwa ngesikhathi sokushicilela.

Related Articles

Back to top button