
Liyaqulwa elikaDuduzile nezibhelu zika-2021
Sihle Mkhize
UNkk Duduzile Zuma-Sambudla, oyilungu lePhalamende ngethikithi leMK Party, ubhekene necala lokuphehla udlame emphakathini nokuvukela umbuso.
Leli cala lingena namhlanje eDurban High Court kanti lisuselwa ezigamekweni zangesikhathi sezibhelu zokutashwa kwempahla nokushiswa kwezitolo namadepho ngoJulayi ku-2021.
Okhulumela iNPA uMnuz Mthunzi Mhaga ngoMarch wathi ukholwa wukuthi umbuso unobufakazi obanele ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.
“Abammeli bammangalelwa bafake isicelo sokubuka izitatimende zofakazi bethu. Akukho thina ebesingakwenza ngoba kuyilungelo likammangalelwa. Kodwa-ke siyethemba ukuthi kuzoqala ukuqulwa kwecala ngomhla ka-10 kuNovemba,” usho kanje.
IJacob G Foundation isizwakalise ukungenami kwayo ngaleli cala.
Le nhlangano ithi sekuhlaselwa uDuduzile emkhankasweni wokulwa noJacob Zuma.
Okhulumela le nhlangano uMzwanele Manti uthi awekho lamacala kodwa kudlalaa ipolitiki nje.
UManyi uthi eminyakeni engu-20 eyedlule izinsiza kusebenza zezwe zisetshenziselwa ukunqoba izimpi zepolitiki noZuma nabo bonke abaxhumene naye.
Bathi umbhobho usubhekiswe kuDuduzile ngoba phambilile sebeke bagadla kuDuduzani nakuye uMsholozi ngqo kodwa behluleka.
“Izigidi zabantu baseNingizimu Africa babedinwe bethelwa ngamanzi. Ukuthi bagqugquzelwa iTweet nje kuyethusa futhi akusilo iqiniso,” kusho uManyi.



