Izindaba

Lisinde ngokulambisa iphoyisa lidutshulwa esifubeni

Morgan Ngwazi

Lisinde ekufeni iphoyisa lase-Eastern Cape, ngesikhathi lisizwa ivesti lokuvikela ukuthi ingangeni inhlamvu.

Leli phoyisa lisinda ngokulambisa nje bebetholene phezulu nezigebengu kwisigameko sokudubulana ku-R61 ngaseNtafufu, ngaphandle kwaseLusikisiki, ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uLt Colonel Siphokazi Mawisa, uthe amalungu e-Operational Command Centre athole ulwazi ngemoto yohlobo lwe-VW Polo engenazo izinombolo ngemuva nabagibeli ababili okusolwa ukuthi badayisa izidakamizwa.

“Bayilandele imoto ilibangise ePort St Johns, kwathi ngesikhathi besathayha amajika, bayibona imoto bazama ukuyimisa,” kusho uMawisa.

“Umshayeli uwashaye indiva amaphoyisa wabe esehamba ngesivinini esiphezulu ebaleka”

UMawisa uthe abebephakathi baqale badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo abe esedubula abulala abasolwa ababili abebesemotweni.

“Iphoyisa lidutshulwe esifubeni lasinda esigamekweni ebesingase silibulale ngoba beligqoke ivesti elikwazi ukumelana nezinhlamvu. Iphoyisa alilimalanga ngesikhathi kudutshulwana, imoto isale imbobombobo izinhlamvu.

“Amaphoyisa athole isibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu kanye nezidakamizwa”

Kube sekuvulwa amacala amabili elokuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nelokucekela phansi impahla.

Udaba luzodluliselwa ophikweni oluzimele kuqhutshekwe nophenyo.

Related Articles

Back to top button