Izindaba

Kutholwe owesifanaze enqunu ebulewe

Utholwe enqunu edlwenguliwe wabulawa KwaZulu-Natal, eNewcastle, eLister Farm, uNokwanda Zulu.

Umndeni wakhe uthi ufuna ubulungiswa ngemuva kwalesi sigameko esishaqisayo.

Lesi sigameko siza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kutholwe owesilisa ebulewe eLister Farm.

Omunye umfana wagwazwa eMadadeni ngeviki eledlule kodwa wasinda, kubukeka sengathi ugwazwe ngomunye wabafana abayingozi eLister Farm, umsolwa wabanjwa waboshwa.

Umphakathi waseLister Farm uthi ushaqekile ngezenzo zodlame ezenzeka kule ndawo njengoba sinyukile isibalo sabafana ababamba inkunzi bababulale kulezi zinsuku.

Amaphoyisa aseMadadeni ayanxuswa ukuthi angenelele futhi aqaphe endaweni ikakhulukazi ebusuku njengoba izinga lokwesaba selinyukile.

Khonamanjalo, useboshiwe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala mayelana necala lokubula izihlobo zamantombazane u Tshiamo noBaleseng Moramaga.

La mantombazane adutshulwe abulawa umsolwa eMamelodi East, Tshwane, ngeSonto ekuseni.

Abagilwa baphakathi kweinyaka engu-22 no-21, batholwe benamaxaba okudutshulwa emakhanda kuSompisi Street, Extension 17.

Ngokusho kwabasendaweni yokucima ukoma eMamelodi, kubikwa ukuthi la bagilwa baphuze utshwala obubiza u-R10K nabanye base benqaba ukuhamba nomsolwa kuyiwe endlini.

Bathi le ndoda ebithukuthele igane unwabu ibalandelile abagilwa sebegoduka yabadubula.

Ngokusho komakhelwane, bezwe impi yamazwi iqhuma phezulu kwase kwase kuqhuma isibhamu kabili.

Uma beyohlola bafica amantombazane amabili elele edamini legazi efe ujuqu.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uCaptain Tintswalo Sibeko usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe ngoMsombuluko mhla ka-27 October 2025, egaraji likapetrol ePretoria.

Related Articles

Back to top button