
Kushode ozogadla kutholana phezulu u-Anele noHelen estudio
Liyah Mseleku
Kube muncu estudio kunqakisana ngamazwi umsakazi we-947 u-Anele Mdoda noHelen Zille wenhlangano yepolitiki iDemocratic Alliance (DA).
Lesi sigameko senzeke ohlelweni lwasekuseni olushayelwa yile ntokazi i-Anele and the Club.
Kuzokhumbuleka ukuthi iDA iqoke uZille ukuthi azoyimela njengeMeya njengongoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.
Ohlelweni ubebizwe ukuzokhanyisela abantu baseGoli ukuthi yiluphi lolu shintsho eza nalo.
Ufike zigawulwe zabekwa u-Anele emtshela ezikabhoqo ukuthi abantu bakuleli dolobha abamboni njengomuntu ongashintsha izimpilo zabo.
“Njengomhlali waseGoli futhi omnyama abantu bakithi bayehluleka ukukubona wena njengomuntu ongashintsha izimpilo ukubayisa phambili,” kugadla u-Anele.
UZille uphendule ngombuzo wokuthi wakhethwa nini u-Anele njengomkhulumeli wabantu abamnyama?
“Ubakhulumela kanjani abantu abamnyama mina ngeke ngibakhulumele abantu abamhlophe,” kubuza uZille.
“Uhlezi ukuTwitter zonke izinsuku uyabezwa ukuthi abantu bhathini ngawe abakuthembi ukuthi unothando lwabantu abamnyama,” kuphendula u-Anele umuzwa ukuthi unyukelwa ushukela.
Ube esemtshela ukuthi iTwitter akusiyo indawo yokuvota akayeke abantu bamjaje njengomuntu.
UZille uqhube ngokuthi uye kuphela owalwela ibandlululo kule studio abakuso.
Uqhube ngokuthi amukho umuntu othanda izwe lakhe kodwa ontshontsha imali adle phansi.
Uveze nokuthi akanaso isikhathi salabo abathi balwela izwe uma sebezikhundleni eziphezulu bamtshontshe.
Njengoba bese kuyisikhathi sokufundwa kwezindaba u-Anele ube esemnqamula u-Zille wathi ngelinye ilanga uyafisa ukuphendula imibuzo yabalaleli kunokuthi alokhu ephikisana naye.
Akazibekanga phansi u-Anele wazibuyisa izinduku ngelithi mhla wakwazi ukufika ngesikhathi uyokwazi ukuphendula imibuzo ebalulekile yabalaleli.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169